UTHATHE isinqumo sokubuyela esikoleni uZolani "Last Born" Tete ogwetshwe iminyaka emine engalwi ngenxa kokutholakala emzimbeni wakhe kwesikhuthazi esingavumelekile kwezamankomane.
Lesi sikhuthazi esaziwa nge-stanozolol, satholakala emzimbeni walo mshayisibhakela wase-East London ngemuva kokuthi eshaye uJason Cunningham wase-Engand ngoJulayi 2 nyakenye.
Kuleyo mpi eyayise eWembley Arena, e-England, uTete wanqoba isicoco seCommonwealth WBO International nese-IBF International Featherweight.
Ngo-2019 wayephucwe wuJohn Casimero wasePhilippines isicoco se-IBF World Bantamweight. Ngemuva kokuthi i-United Kingdom Anti-doping (Akad) ithole ugcobho kuTete (35), abaphathi bakhe, iQueensbury Boxing Promotions yakhona e-UK kuhlanganisa nemenenja yakhe, uMlandeli Tengimfene, bafaka isicelo sokuthi aphinde ahlolwe.
Imiphumela yokuhlolwa okwesibili yabuya isho okufanayo. Laba baphinde baqasha ummeli ukuthi abakhulumele ne-Akad, ukuthi uTete ehliselwe isigwebo. Bebemi kwelokhu kabazi ukuthi uTete usithole kanjani lesi sikhuthazi mzimba.
Bachithiwe kulokho i-Akad imi ekutheni bayehluleka ukuletha ubufakazi bokuthi umshayisibhakela wabo akakwenzanga lokhu ngenhloso.
UTengimfene uthe isigwebo esisemthethweni sikaTete siqale ngoJulayi 30 wanyakenye. Sizophela ngosuku nangenyanga efanayo ngo-2026.
Uveze ukuthi umshayisibhakela wakhe unikele eNelson Mandela University ukuyokwenza izifundo zeSports Contract Management.
"Impela ihlulekile imizamo yethu yokuthi uZolani ashaywe ngoswazi oluncane. Besifuna noma ashaywe ngesigwebo seminyaka emibili. Akusenani, impilo kumele iqhubeke. Ngikhuluma nje umatasa nezifundo zakhe eNelson Mandela University.
Isinqumo sokubuyela esikoleni usithathe ngemuva komshophi omehlele," kubeka uTengimfene.
Uveze nokuthi leli bhokisa lizogxila nasenkampanini yalo iLast Born Boxing Promotions.
"Asifuni ukupholisa amaseko, ngo-Okthoba 29, iLast Born Promotions izoba nomqhudelwano ozoba seKings Williams Town, eKomani.
Empini yosuku, uSiyakholwa Kuse osanda kunqoba ibhande likazwelonke le-mini flyweight, uzolwa kweyomhlaba nebhokisa esisalibheka.“
Le menenja iveze ukuthi lesi sinqumo se-Akad ngeke senze noma siphoqe uTete ukugaxa amagilavu emgibeni.
"Isibhakela yinto egijima egazini likaZolani. Uthathe isinqumo sokuthi aqhubeke nalo mdlalo. Noma engeke alwe kodwa uzoqhubeka nokujima kanzima ukuze kufike usuku lokuphela kwalesi sigwebo umzimba wakhe usesimweni.
Yebo, iminyaka izobe seyimshiyile. Uthe uma kuwukuthi kumele alwe impi eyodwa noma ezimbili uma sekuphele isigwebo, kuzobe kulungile.
Akavumi ukuthi lesi sehlo simphoqe ukuthi ayeke into ayithandayo. Ufuna ukugaxa amagilavu emgibeni ngenhlonipho," kubeka uTengimfene.