UNOZINTI weKaizer Chiefs, uBrandon Peterson, usephumele obala ngokuba magange kwabo ngokukhipha amangwevu kuzo zonke izicoco ezisazodlalelwa kule sizini okubalwa neCarling Black Label Knockout, abaqhathwe kuyo neSupersport United.
IChiefs itomule iSupersport kwiLast 16 yeCarling Black Label Knockout, kuqhathwa amaqembu angu-16 eBetway Premiership azodlana imilala kulo mqhudelwano okulindeleke uqale emasontweni amabili ezayo.
“Sikuqonda kahle ukuthi siqhathwe neSuperSport okuyiqembu okungelula ukubhekana nalo emiqhudelwaneni yomkhumulajezi kodwa okubalulekile ukuthi silwele ukuwunqoba lo mdlalo, neminye imidlalo elandelayo esisazoyidlala.
“Kule sizini sifuna ukuzimisela kuyo yonke imiqhudelwano ekhona, okubalwa nawo lo weCarling, kungakhathaleki ukuthi sidlala ngaphansi komqeqeshi omusha,” kusho uPeterson, obanga ijezi noFiacre Ntwari, ojoyine leli qembu laseNaturena, ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiSekhukhune United.
“Ngaphandle komdlalo (weligi) esihlulwe kuwo yiMamelodi Sundowns, iqembu selikhombisa okukhulu ukuhlangana, sisebenza ngokukhulu ukubambisana nokuzwana, nengikholwa wukuthi kule sizini kukhona esizokuzuza.
“Siyabezwa nje abantu bethi umqeqeshi uNabi (Nasreddine) usengumqeqeshi omusha, iqiniso ukuthi iqembu elinjengeChiefs kumele lilwele izicoco, okuyiyonanto esizimisele ngayo kule sizini. Ngaphandle kokulwela ukwenza emiqhudelwaneni yemikhumulajezi, sifuna nokulwela ukuba phezulu kwi-log.”
Ngakolunye uhlangothi, umdlali wasemuva kwiSuperSport, uLyle Lakay, uthe yize beyihlonipha iChiefs kodwa bafuna ukuyithwalisa kanzima.
“Asikayiqali kahle isizini njengoba sisanqobe umdlalo owodwa sahlulwa kwemibili kwemine esisayidlalile, ngakho ukwenza kahle emqhudelwaneni weCarling ngikholwa wukuthi kungabuyisa ukuzethemba kithina njengabadlali nakweminye imidlalo elandelayo.
Ngesizini edlule asenzanga kahle kulo mqhudelwano siphuma ekuseni (bebhaxatshulwa ngo 4-1 yiPolokwane City kwiLast 16) ngakho kulokhu sizimisele ngokwenza kangcono,” kusho uLakay ngokuzethemba.
Lo mqhudelwano oke waziwa ngeTelkom Knockout kumasizini edlule, ngesizini edlule ukhangulwe yiStellenbosch FC ngokuguqisa i-TS Galaxy ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Aqhathwe kanje esewonke kwiCarling Knockout Last 16:
– Richards Bay FC v Sekhukhune United; AmaZulu FC v Stellenbosch FC; Polokwane City v Marumo Gallants; Cape Town City v Royal AM; TS Galaxy v Chippa United; Orlando Pirates v Magesi FC; Mamelodi Sundowns v Lamontville Golden Arrows; SuperSport United v Kaizer Chiefs.