KUSEYISILONDA kumgadli wakudala weKaizer Chiefs, uBernard Parker, ukuthi wahamba sekumuncu eqenjini akhula engumlandeli walo.
UParker osengumqeqeshi weqembu leDStv Diski Challenge (DDC) kwi-TS Galaxy, utshele abezindaba ngoLwesibili eThekwini ukuthi isamudla indlela ahamba sekumuncu ngayo kwiChiefs.
Akekho umgadli onamagoli amaningi kwiChiefs ngaphezulu kukaParker kusukela kwaqala iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996.
Yize kunjalo lo mdlali ohlale kuMakhosi iminyaka engu-10 washiya kuwona ngo-2022 sekumuncu lapho ebese ephenduke khona ithofi labalandeli beChiefs ehhewulwa uma kukhona okungahambi kahle.
“Ngawina neChiefs iNedbank Cup neMTN 8 kodwa sengihamba bekungasemnandi kwazise abalandeli ebengibathanda bese bengijikele,” kusho uParker.
“Bekungixaka lokhu ngoba bengizitshela ukuthi ngiyisithandwa futhi bengazi ukuthi abalandeli bayabona ukuthi ngibuye ngihlehliswe ngoba ngikwazi ukudlala izindawo ezinigi.
“Ngiyambonga nodokotela wengqondo okwathi ngiye kuyena wafika wangiqaphelisa ukuthi ngisele ngamagoli ambalwa ukuba ngiphathe irekhodi lomshayimagoli ohamba phambili kwiChiefs kusukela kwaqala i-PSL.
“Lokhu kwangakha umona kodwa kwangisiza ukuba ngifike kuleli rekhodi. Maningi amarekhodi engiwathole ngikwiChiefs njengokudla isicathulo segolide ngo-2014 ingakho ngithi kusebuhlungu uma ngicabanga indlela engishiye sekuyiyona.
“Amarekhodi ami kwiChiefs ngiyazigqaja ngawo futhi ngiyohlale ngilithanda iqembu kodwa akulula ukukudlulisa ukuthi abalandeli engangingaconsi phansi kubona yibona abese bengithuka ekubeni ngizama konke engingakuzama ukusiza iChiefs,” kusho yena.
UParker akakholwa ukuthi sekufanele kubanjwe kuyekwe kwiChiefs njengoba kubukeka sengathi izinto azihlangani, kuNasreddine Nabi.
“Ibhola linendlela yalo yokwenza izinto ngakho-ke angisiboni isidingo sokuxhamazela kwabaxhumene neChiefs ngoba kusesekuseni,” kusho uParker.
“Kusemqoka ukuthi uNabi anikwe ithuba elanele lokufaka umqondo wakhe eqenjini. Musha kwiligi nasezweni ngakho-ke nabadlali basazama ukumjwayela.
“Njengoba esahlanganisa nje, kulula ukuthi kubukeke sengathi umonakalo mkhulu. Kuhle ngoba nakhu kuza newindi lokushintshana ngabadlali mhlawumbe kukhona la esebone khona ukuthi kufanele kuqiniswe. Akanikwe ithuba,” kusho lo mdlali owayegila izimanga nakwiBafana Bafana.