UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, ufisela iBafana Bafana, kaHugo Broos, okuhle kodwa kwi-Africa Cup of Nations (Afcon), ezokuba se-Ivory Coast nonyaka.
UNtseki ukusho lokhu ngemuva kokuthi kubekhona ukuphendulana phakathi kwalaba baqeqeshi ngemuva kokuthi emasontweni edlule, uBroos etshele abezindaba ukuthi abadlali beChiefs abakufanele ukuba seqenjini lesizwe.
Wayekusho lokhu ngemuva kokumemezela iqembu labadlali abangu-23 elidlale neNamibia neDR Congo kweyobungani, elalingenabo abadlali bezikaNtseki. Nokho wagcina embizile uPule Mmodi ngemuva kokulimala kwabanye abadlali.
Lesi sitatimende sikaBross sixukuze abalandeli abaningi beChiefs okuhlanganisa nomqeqeshi wayo uNtseki oze wabona kungcono amphendule kwesakhe isithangami nabezindaba.
“Uma ebona ukuthi akekho umdlalo weChiefs amdingayo, yindlela abona ngayo. Ngebhadi akukho la eke wasihlalisa khona phansi esichazela ngokuthi yini edingeka kithina ukuze sikhiqize abadlali abasezingeni leBafana,” kusho uNtseki emasontweni ambalwa adlule.
Lo mqeqeshi weChiefs ubuzwe ngabezindaba emuva kwekhefu lemidlalo ye-Fifa ukuthi usube khona yini umhlangano phakathi kwakhe noBroos njengokuthembisa kwalo mqeqeshi waseBelgium.
“Asikho isidingo sokubuyela ekuklwebhaneni okubekhona emasontweni adlule kodwa okumqoka wukuthi iChiefs iseke iqembu lesizwe ngayo yonke indlela, iphinde iqhubeke nokukhiqiza abadlali abazoba wusizo kuBroos,” kusho uNtseki kwabezindaba ekomkhulu leChiefs, eNaturena muva-nje.
“IBafana kaBroos siyifisela okuhle kwi-Afcon futhi siyishayela ihlombe ngendlela edlale kahle ngayo kule khempu esanda kusongwa.
“Ukunqoba kwi-DRC kufanele kubhiyozelwe impela ngoba ikleliswe phambili e-Afrika nasemhlabeni uma uqhathanisa neBafana,” kulandisa yena.
UNtseki uveze isizathu okuyisona acabanga ukuthi senze kwagcina kunokuphikisana esidlangalaleni phakathi kwakhe noBroos.
“Sinemidlalo eminingi emqoka futhi enzima kodwa ethothene eduze nokuphoqelekile ukuthi sithole imiphumela encomekayo kuyona.
“Ngicabanga ukuthi konke lokhu kuwumthwalo emqondweni nasemzimbeni,” kuphetha uNtseki.
Ngempelasonto iChiefs ihlulekile wukuqoqa amaphuzu agcwele kowe-DStv Premiership ibanjwa yiRoyal AM ngo 0-0 ekhaya. Izobuyela enkundleni kusasa ivakashele iSuperSport United ePeter Mokaba Stadium emdlalweni ozoqala ngo-7.30 ebusuku.