USICHAZE njengobuqhawe uMolefi Ntseki isinqumo sika-Arthur "10111" Zwane, sokushiya iKaizer Chiefs ajoyine AmaZulu.
Ngesonto eledlule uZwane umenyezelwe noVusumuzi " Kanu" Vilakazi, njengabaqeqeshi abasha boSuthu. Bavale isikhala sikaPablo "Cijimpi" Martin waseSpain, okhonjwe indlela ngenxa yokwehlulwa yimiphumela.
UZwane ushiye umsebenzi wokwengamela inkulisa yaMakhosi. Ubesesebenze eNaturena iminyaka ewu-24. Wafika kuyo ngo-2000 njengomdlali. Ugaxele kuyo amakhokho emgibeni ngo-2010.
Emidlalweni ewu-252 unqobe nayo izinkomishi eziwu-12. Ngaphandle kokuyikhiqizela abadlali ezinkuliseni zayo, uke waba yiphini lomqeqeshi kuVladimir Vermezovic waseSerbia, Gavin Hunt, nakuStuart Baxer wase-England ngaphambi kokuthi anikwe esokuba inhloko yabaqeqeshi ngesizini ka-2021/22 kuya kweka-2022/23.
Kuyo iChiefs uke waba iphini likaNtseki kweka-2023/24. Uke wasebenza naye nakwiBafana Bafana.
UNtseki uthe sekuphele iminyaka aqala ukusebenza noZwane.
Uthe baqala ngo-2019, uZwane eqeqesha u-Under 17 waMakhosi yena ekoweqembu lesizwe. Umchaze njengomqeqeshi wezinga eliphezulu nohlale ezimisela emsebenzini wakhe. Uthe nakuba engazi ukuthi uZwane uhambe kanjani kwiChiefs kodwa uyasincoma isinqumo sakhe.
"Okwenza uZwane ahlale isikhathi esingaka kwiChiefs wukuthi igijima emithanjeni yakhe. Kwesinye isikhathi lokhu kuba yingozi kubantu abaningi. Bagcina bengakhuli nakuba benekhono ngenxa yokunethezeka lapho bekhona. KuMaZulu uzofika kwenziwa izinto ngendlela ehlukile. Lokhu kuzomkhulisa. Isenzo sakhe sitshengisa ukungabi yigwala, ngisishayela ihlombe," kubeka uNtseki.
Uqhubeke wamchaza njengomqeqeshi ophethe konke.
"Okokuqala unesipiliyoni sokusebenza nabadlali abancane nabadala. Engakufunda ngaye ukuthi uphenduka umzali kubadlali. Bagcina sebekwazi ukumbileka izinkinga zabo. Uphinde abe nesipiliyoni sokusebenza eqenjini elikhulu njengeKaizer Chiefs nesamaqenjini esizwe."
UNtseki okumanje uzihlalele ekhaya, uthe uyazi ukuthi abalandeli boSuthu bazolindela lukhulu kuZwane.
"Okukuqala uyaziwa uZwane ukuthi ubenza kanjani enkundleni ngisho esadlala. Usenqobe inqwaba yezicoco. Ngicela abanikazi boSuthu nabalandeli bababekezelele. Nakuba ngingamazi uVilakazi kodwa usezivezile ukuthi ungumqeqeshi onekusasa elihle. Ukuze basebenze kahle kuzomele bahloniphane baphinde babekezelelane," kubeka uNtseki.