AKAKUBONI njengokuphelelwa ushatini ukujoyina iPretoria Callies, uSiphosakhe Ntiya-Ntiya (28) owayengomunye wabadlali beKaizer Chiefs ababehleli ebhentshini ngesizini ka-2020/21, ishaywa i-Al Ahly yase-Egypt kowamanqamu eChampions League.
Lo mdlali oyibamba kwesokunxele emuva, uthe usayine inkontilela yokuqedela le sizini kwiCallies egijima kwiMotsepe Foundation Championship.
Ungomunye wabadlali abachithwe iSekhukhune United edlala kwiBetway Premiership ngesizini edlule. Wayeyijoyine kweka-2022/23 ephuma kwiChiefs afika ezinkuliseni zayo ngo-2016.
Ngesikhathi sikaSteve Komphela, eNutarena, wanyelwa inyoni esandleni emnyusela eqenjini elikhulu ngesizini ka-2017/18.
Emdlalweni wakhe wokuqala, Amakhosi abambana ngeqanda neSuperSport United.
Izinto azimhambelanga kahle isikhathi eside. Ngesizini ka-2020/21 wadlala emine kuphela kwathi kweka-2021/22, okungahambanga kahle ngayo, wagijima emihlanu.
Ngaphandle kokubamba iqhaza ekufinyeleleni kweChiefs kowamanqamu eChampions League, ubekhona ifika kowamanqamu eNedbank Cup ngo-2019. Yadliwa iTS Galaxy eyayigijima kwiMotsepe Foundation ngalezo zikhathi.
Le nsizwa ezalelwe eMbhizana, e-Eastern Cape kodwa yakhulela eMlaza, eThekwini, ithe ayiziboni njengesahluleki ngokujoyina kwayo iCallies.
"Ngibonga kakhulu kumphathi weCallies ngokunginika ithuba. Nakuyo izinto zenziwa ngeqophelo eliphezulu. Kuyintokozo ukuba lapha. Kunabadlali abaningi bezinga eliphezulu," kubeka uNtiya-Ntiya.
Uqhube wathi:"Banephutha abazitshela ukuthi sengehlelwe izinga njengoba sengidlala kulesi sigaba. Ngiyavuma mhlawumbe bebelindele ukuthi ngijoyine elidlala kwiBetway Premiership. Izikhathi azifani empilweni. Ukuhlehla kwenqama akusho ukwehluleka kodwa isuke ilanda amandla. Okubalulekile njengamanje ukusiza iCallies ukufeza izifiso zayo."
Lo mdlali ujoyine leli qembu noDarrel Matsheke naye owake wadlala kwiChiefs. Abanye uTshepo Skhosana noTshepo Chaine abebedlala kwiMarumo Gallants. Kukhona noNkanyiso "Pelembe" Zungo owake wadlala kwi-Orlando Pirates. Leli qembu eliqeqeshwa uFabio Lopez wase-Italy lilele kweka-13 ngamaphuzu ayisithupha, emidlalweni eyisikhombisa. Lisanqobe owodwa kuphela.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
NgoMgqibelo - Ngo-3.30pm: Black Leopards v Durban City (Thohoyandou Stadium); Upington City v Orbit College (Mxolisi Dicky Jacobs Stadium); Milford FC v Leruma United (Princess Magogo Stadium); Pretoria Callies v Baroka FC (TUT Stadium); Casric Stars v Venda FC (Lucas Moripe Stadium)
NgeSonto - Ngo-3.30pm: Univ. of Pretoria v Hungry Lions (Tuks Stadium); Kruger United v Cape Towns Spurs (Kanyamazane Stadium)