NAKUBA kuseva kodwa uSiyabonga "Nsimbi" Sangweni owanqoba izicoco ne-Orlando Pirates, ubona kuzoqinisa imiqondo yabadlali beZimnyama mayelana nombango wesicoco seligi, ukuqhubeka nokuthola amaphuzu amathathu uma sebedlala neRichards Bay.
La maqembu azobhekana namuhla ngo-7.30 ebusuku, e-Orlando Stadium koweBetway Premiership.
Nakuba iPirates ikhishwe zisuka kwiCarling Knockout kodwa abalandeli bayo bahleka bodwa ngoba isayinqobe yoyisithupha eyeBetway Premiership esayidlalile. Iqhwakele kwi-log ngamaphuzu awu-18.
ISundowns esinqobe eseligi amahlandla ayisikhombisa kulandelana, ilele isibili ngawu-15 kweyisithupha.
Ngesizini edlule, esibalweni semidlalo esifanayo, amaBrazilians ayeqhwakele ngawo awu-18. IPirates yayilele kweyesine ngayishumi.
EZimnyama zisethubeni lokuvula igebe ngamaphuzu ayisithupha kwiSundowns uma zingaphinde zidlule kwiNatal Rich Boys. La maqembu adlalile emasontweni edlule koweligi, amaBhakabhaka anqoba ngo 1-0.
USangweni uthe nakuba luselude ukhalo kodwa kungaba yinto enhle kubadlali bePirates uma bengavula igebe lamaphuzu ayisithupha kwiSundowns.
"Konke ebholeni kuncika ekuqineni nasebuthakeni bomqondo. Sekuphele isikhathi eside sagcina ukubona iPirates yenza kahle kanje. Ngalezi zikhathi ngesizini edlule iSundowns yayiyishiya ngenqwaba yamaphuzu. Uma iPirates izoqhubeka nokuvula igebe imiqondo yabadlali bayo izohlale inethemba lokunqoba isicoco seligi. Lokhu kuyiphoqa ukuthi inqobe noma kanjani kwiBay nakweminye imidlalo ezayo," kusho uSangweni, owayeseqenjini leZimnyama okwagcina ngalo ukunqoba isicoco seligi ngesizini ka-2011/12.
Uqhube wathi ngokubuka izinto, maningi kakhulu amathuba okuthi iqembu lakhe elidala lisinqobe isicoco seligi.
"Engisondelene nabo bayazi ukuthi nangesizini edlule bengihlale ngisho ukuthi iPirates izoba yingozi. Ukhumbule ukuthi laba badlali bebendawonye nangesizini edlule. Sebeyayiqonda indlela okumele babambisane ngayo. Okwabo ukuthi babambe lo mgqigqo.“
IBay izoya kowePirates inethemba ngoba ngempelasonto edlule ishaye iCape Town City kuma-quarterfinal eCarling Knockout. Ilele kweyesi-12 ngamaphuzu amahlanu. Kwiligi isanqobe kwiTS Galaxy kuphela.
IPirates uma iqeda oweBay, izobhekana neCR Belouizdad yase-Algeria, kowukuqala wesigaba samaqoqo eChampions League ngoNovemba 26. Ku-Group C iqhathwe nane-Al Ahly yase-Egypt, neStade d'Abidjan yase-Ivory Coast.