Oyinkakha yebhola yaKwaZulu-Natal, uMlungisi “Professor” Ngubane, usephonsele inselelo amaqembu akulesi sifundazwe adlala kwiPremier Soccer League ngokuthi ayeke ukuziba ithalente labadlali bakulesi sifundazwe ezigabeni zama-amesha bagijimele ukuyolanda “izinkoqoba” zabadlali asebephelelwe wushatini.
UNgubane owayeyinkalimeva yomdlali wasesiswini ngeminyaka yo-1970 kuya ko-80, emaqenjini okubalwa kuwo AmaZulu FC neDurban Bush Bucks, wabuye waba ngumqeqeshi, waziwa ngokungalali endleleni ngokukhipha okusesifubeni sakhe, ikakhulukazi uma kuthinta ibhola KwaZulu-Natal.
Ngenyanga edlule uDisemba, uNgubane nezinye izinkakha zebhola, okubalwa kuzo uPatson “Kamuzu” Banda, uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni noSandile “AK47” Ndlovu, bebeyizimenywa eziqavile kumaSalga Games abebanjelwe eRichards Bay.
Kule midlalo kubonakale kuphela izinhloli zeRichards Bay FC edlala kwiDStv Premiership, nobekuvele kulindelekile kwazise le midlalo ibidlalelwa ebaleni layo.
Ngaphandle kwezinhloli zeRichards Bay, inhloli ebiphansi phezulu kule midlalo uTebogo Moloi weTM Scouts, esizakhele igama ngokuvumbulula abadlali ezigabeni zama-amesha nasemiqhudelwaneni yebhola KwaZulu-Natal, abase emaqenjini ePremier Soccer League (PSL).
Kukuyo le midlalo yamaSalga lapho khona uMoloi ebuye khona nabadlali ababili akuqinisekisile kwiSolezwe ukuthi sebesayiniswe yiBlack Leopards neVenda Football Academy, ngokwehlukana, okungamaqembu aseLimpopo, adlala kwiMotsepe Foundation Championship.
“Iyangikhathaza le nto yokuthi amaqembu akithi lapha KwaZulu-Natal adlala kuPSL azibe ithalente labadlali emiqhudelwaneni yalolu hlobo (Salga Games), kodwa akhethe ukuyolanda izinkoqobe zabadlali emaqenjini aseGauteng nakwezinye izifundazwe, asebephelelwe wushatini, abafika bangawasizini ngalutho, agcine ezithola evika izembe.
“Baningi kabi abadlali abanekhono lapha KwaZulu-Natal kodwa abazitshwayo futhi angicabangi ukuthi sikhona esinye isifundazwe esidlula lesi ngethalente labadlali bebhola.
“Cishe asikho isikhungo sebhola, ikakhulukazi kulezi zamaqembu athathwa njengamakhulu oKaizer Chiefs, Orlando Pirates noMamelodi Sundowns, ezingenabo abadlali baKwaZulu-Natal,” kusho uNgubane.
“Amaqembu aseGauteng ayohlale njalo ezixebulela umkhoma ngabadlali bethu ngoba amaqembu ethu ayabaziba laba badlali baze babonwe yiwo la maqembu.
“Ngingayixolela iGolden Arrows ngoba yiyona engisayibona ikholelelwa kakhulu kubadlali abasebancane bakulesi sifundazwe, izinhloli zayo ezibathola ezigabeni eziphansi, okuyinto encomekayo.”
USbongiseni “Ox” Mthethwa ongumdlali wasesiswini kwiKaizer Chiefs noMelusi “Sqwayi” Buthelezi ongunozinti we-Orlando Pirates, bangabanye babadlali abavumbululwa yinhloli uMoloi emiqhudelwaneni yebhola yakulesi sifundazwe, bagqama emaqenjini akwezinye izifundazwe okuyiStellenbosch FC neTS Galaxy ngaphambi kokusayiniswa ngamaqembu amakhulu aseGauteng.