Siqhakambise ukubumbana kweqembu njengesizathu esenze luqhubeke uhambo lwabo kwi-Africa Cup of Nations, isitobha seGuinea, u-Ibrahim Diakite.
I-Syli National ifinyelele kuma-quarter-final alo mqhudelwano okokuqala kusukela ngo-2015 emuva kokuguqisa i-Equatorial Guinea ngo 1-0 emdlalweni we-Last 16 ngeSonto. Bekungokokuqala inqoba umdlalo womkhumulajezi kwi-Afcon kusukela ngo-1976.
IGuinea bekulindeleke ukuthi ithwale kanzima kulo mdlalo kwazise ibibhekene ne-Equatorial Guinea enenebule i-Ivory Coast ngo 4-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo, yaqeda iqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayisikhombisa. Iqede ngaphezu kweNigeria ne-Ivory Coast.
IGuinea ilale isithathu kuGroup C ngamaphuzu amane kulandela ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neCameroon. Ishaye iGambia ngo 1-0, yahlulwa yiSenegal ngo 2-0.
Nokho, igoli elingqofelwe enethini nguMohamed Bayo usuphela umdlalo liqinisekise ukuthi izibekisela indawo njengelinye lamaqembu ayisishiyagalombili asazolwela isicoco.
“Siqophe umlando. Siyethemba ukuthi sibajabulisile abantu bakithi asebehlupheke isikhathi eside. Sithokoze kakhulu. Bekunzima kodwa sakwazi ukubambelela saze sawunqoba umdlalo ekugcineni. Ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka kanjena size sifinyelele ekupheleni kwalo mqhudelwano,” kusho uDiakite etshela abezindaba ngemuva komdlalo.
“Bekunzima esiwombeni sokuqala ngoba asikwazanga ukudlala umdlalo wethu esiwujwayele. Umqeqeshi usitshele ukuthi siqhubeke nokuphusha ngoba amathuba azovela. Yilokho esikwenzile.
“Iqembu lonke lifanelwe yile ndodo yomdlali ovelele. Sonke besizimisele, salwa ngokubambisana. Okusemqoka kakhulu wukuthi sesingenile esigabeni esilandelayo.”
IGuinea isizobhekana neDemocratic Republic of Congo ngoLwesihlanu ebusuku.
Le lizwe eliseNtshonalanga ne-Afrika lakhelelene ne-Guinea-Bissau, Senegal, Mali, Sierra Leone, Liberia ne-Ivory Coast. Kungenzeka sikhule isibalo sabalandeli balo njengoba selidlulele emzuliswaneni olandelayo.
Liqeqeshwa nguKaba Diawara owalidlalela kwi-Afcon ka-2006 wadlalela nenqwaba yamaqembu amakhulu aseFrance, England, Turkey nakwamanye amazwe.
IGuinea iholwa nguNaby Keita obedlalela iLiverpool kodwa osegijima kwiWerder Bremen yaseGermany. Iningi labadlali lidlala eFrance, Belgium, Germany nakwamanye amazwe.