Kaizer Chiefs (0)0
Mamelodi Sundowns (3)4
Uzehlisile waxolisa kubalandeli beKaizer Chiefs umqeqeshi, uNasreddine Nabi, ezakhe ezibhubhudlwe yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarterfinal yeCarling Knockout eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ntambama.
Amagoli eSundowns ashaywe ngu-Iqraam Rayners (amabili), Peter Shalulile noKhuliso Mudau esiwombeni ngasinye.
Ngokwehlulwa yiSundowns, uNabi ungene emlandweni wabaqeqeshi beChiefs abahlulwe yileli qembu bebhekana nalo okokuqala emdlalweni womkhumulajezi.
“Ngiyayibongela iSundowns, idlale kahle. Uma iqembu lidlale kahle kumele sikwamukele lokho. Sithanda ukuxolisa kubalandeli bethu abahle. Siyazi ukuthi sekunesikhathi eside belinde injabulo. Siyakholwa futhi sinesiqiniseko sokuthi sizobuyela emuva, sizosebenza kanzima ukubanikeza lokhu abakulindele kithina,”kusho uNabi.
“Kube yisifundo esinzima namuhla kodwa ebholeni kuyenzeka. Ngisho amaqembu amakhulu ayahlulwa ngala magoli. Sikubonile lokho ngesonto eledlule kwiReal Madrid. Okumele sikwenze wukuvuka sizithathe. Kusukela namuhla sidinga ukugqugquzela abadlali bethu sibakhuthaze ukuze sijabulise abalandeli ngokuzayo.”
Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi, usale enganeme ngesibalo samagoli abawashayile.
“Kujabulisile ukubona iqembu lidlala ngendlela elidlale ngayo. Kodwa ngingumuntu ongajabule ngoba ngikholwa ukuthi besingashaya inqwaba yamagoli kulo mdlalo. Ngisho ngesikhathi sekhefu bengibancenga ukuthi badlale ngendlela efanele, bezame ukushaya amagoli amaningi ngoba kubalulekile emidlalweni yase-Afrika. Yilokho kuphela enginganeme ngakho ngoba siyeke inqwaba yamathuba abengaba ngamagoli,”kusho uMngqithi.
Enkundleni, iSundowns ikhombise zibekwa ukuthi ifuna ukuqeda ngaMakhosi. Ukuhlasela kwayo iphindelela kusheshe kwathela izithelo ngesikhathi unompempe elikhomba emlotheni emuva kokuthi uNjabulo Blom edlalise kabi ebhokisini uLucas Ribeiro. URayners uyishaye phakathi iphenathi. Ngemuva kwegoli, iSundowns iqhubekile nokuxina iChiefs ngamandla, ingayivumeli nokuthi iqale ibhola emuva ngokukhululeka. Ngomzuzu ka-22, uRayners ushayele iSundowns igoli lesibili emuva kokuthi iChiefs ihluleke ukuchitha ibhola eligotshwe nguKhuliso Mudau kwesokudla. Emuva kwalokho, abalandeli beChiefs bavuke umbhejazane, bajikijela izinto enkudleni, besola unompempe uLuxolo Badi ngokwenzelela. Ngomzuzu ka-44, uShalulile uqobele phakathi ibhola eligotshwe ngu-Aubrey Modiba kwesokunxele.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibuye yaqhubeka nokuphatha umdlalo. Ngomzuzu ka-54, u-Inacio Miguel weChiefs uthole ikhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi uShalulile ngaphandle kwebhokisi. UNabi ukhiphe uGaston Sirino, wafaka uThatayaone Ditlhokwe emizameni yokuvala imbobo odongeni lwasemuva. Lokho akusizanga kwazise ngomzuzu ka-61, uMudau ushayele iSundowns igoli lesine emuva kwebhola aligingqelwe ngobunyoninco nguRibeiro.
Ngokwehlula iChiefs, iSundowns ijoyine iRichards Bay edlulele kowandulela owamanqamu ngemuva kokwehlula iCape Town City ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi eKing Zwelithini Stadium, eMlazi.