ULIBEKE ngembaba umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, elokuthi bazozithola bekhuhla ibhentshi abadlali abazithela ngabandayo.
AmaBrazilian aluqale kahle uhambo kweyokuhlungela amaqoqo kwiCaf Champions League, exebula iMbabane Swallows yaseSwatini ngo 4-0 eLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Kulo mdlalo ezinye zezethenjwa zaleli qembu njengoThemba Zwane, Aubrey Modiba noPeter Shalulile, ziqale ebhentshini.
Bobathathu laba badlali badlale imizuzu eminingi emaqenjini abo esizwe kwemibili yakamuva yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon).
UMngqithi uthe yize lokho kube nomthelela ngesikhathi behlela isikimu kodwa ngeke kube lula ukuthi laba badlali bazingenele eqenjini emdlalweni olandelayo.
“Kuyiphuzu elihle ukuthi sithi besibaphumuza kodwa kwesinye isikhathi uthi wenza lokho bese labo abathole ithuba lokudlala benza kahle. Yilapho ozibuza khona ukuthi sekumele wenzenjani? Ngabe kufanele ukhiphe lo odlale kahle ufake lo obephumulile? Kwesinye isikhathi lokho akusebenzi ngoba bonke laba badlali banethalente futhi balindele amathuba,” kusho uMngqithi kwabezindaba ngemuva komdlalo.
“Uma ithuba livela bese belibamba ngezandla zombili, kwesinye isikhathi kumele uqhubeke kanjalo. Uma abadlali abebeseqenjini lesizwe bethola ithuba lokuqala kolandelayo kuzobe kuyinhlanhla yabo kodwa kuzobe kungebona ubulungiswa kwabenze kahle kakhulu kulo mdlalo.
“Sizobona. Iqembu lisazozilolonga futhi asazi ukuthi kuzovelani, kungenzeka ukuthi kunabadlali abathintekile kodwa kumele sibahloniphe labo abalisebenzisile ithuba lokudlala.”
UMngqithi ukholwa wukuthi lo mgomo wokubambelela kubadlali abasefomini uzolisiza iqembu ukuthi lenze kahle emiqhudelwaneni eyahlukene.
“Indlela esilwa ngayo nokuzithela ngamanzi abandayo kwiSundowns wukuqinisekisa ukuthi abadlali bayalibanga ijezi,” uqhube kanje.
“Uma ucabanga ukuthi uzodembesela, udlale kahle uma uthanda, uyohlale unenkinga eqenjini elifana neSundowns ngoba leli thuba elincane owalithola, elakwenza ukuthi uphumelele futhi wonke umuntu akuhloniphe, yilona elilindwe yilabo abangemuva kwakho.
“Bheka indlela umdlali ofana noLebo (Maboe) adlale ngayo. Uhlale isikhathi eside engadlali kodwa wangena enkundleni wazimisela. Ngokwenza lokho usuke ebuza ukuthi kungani engeke akwazi ukuqhubeka nokudlala? UTiwani (Asekho), naye ubuza umbuzo ofanayo. Kuba nzima kakhulu ukukhipha abadlali abenze kahle futhi iqembu lanqoba.
“Yingakho eqenjini elifana neSundowns kusemqoka kakhulu ukuthi umdlali ngamunye azi ukuthi ithuba elincane alitholayo kumele alisebenzise ngokugcwele ngoba uzomangala uma ezithola engadlali ekubeni ethathwa njengomdlali ophezulu.
“Kufanele senzenjani? Singabi nobulungiswa kulo mdlali osemncane ngoba nje sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi sifaka omunye umuntu? Akusebenzi kanjalo.”
UMngqithi ulincomile iqembu lakhe ngokuhlohla amagoli amane kulandela ukuthwala kanzima phambi kwamapali emidlalweni emithathu yeMTN8 lapho lishaye khona iPolokwane City ngo 1-0, lashaywa yiStellenbosch FC ngo 1-0 kabili.
ISundowns izovula isizini ye-Betway Premiership ngokubhekana neSuperSport United eLucas Moripe Stadium kusasa ngo-7.30 ebusuku. Izobe isiphinda neSwallows ngoMgqibelo.
* Imiphumela yamanye amaqembu akuleli kweyeCaf:
Champions League: Jwaneng Galaxy 0-2 Orlando Pirates
Confederation Cup: Lunda Sul 1-0 Sekhukhune United; Stellenbosch 2-0 As Vita.