UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, uxwayise iStellenbosch FC ngobungozi bokudedela kalula abadlali abamqoka ngoba lo mkhuba ube nomthelela ekuweni kweMaritzburg United esiyaziwa ngeleDurban City.
UMngqithi ukhulume ngalesi sixwayiso esithangamini nabezindaba ngaphambi komdlalo wabo womlenze wokuqala wowandulela owamanqamu neStellies namuhla ngo-7 ebusuku eLucas Moripe Stadium.
Nakuba exwayisa iStellenbosch lo mqeqeshi kodwa akangabazi ukuthi kufanele bajuluke uma bezimisele ngokubuyela kowamanqamu weMTN8 njengoba benzile ngesizini edlule.
Kusukela kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali, iStellenbosch isishiywe abadlali abamqoka okugqama kubona uDeano van Rooyen no-Iqraam Rayners abajoyine i-Orlando Pirates neSundowns ngokwahlukana.
IStellies, elokhu ikhule njalo ebholeni laseNingizimu Afrika, ilahlekelwa yilaba badlali nje ngesizini edlule idedele uZitha Kwinika, Ashley du Preez, Sibongiseni “Ox” Mthethwa noJunior Mendieta abathathwe yiKaizer Chiefs neSundowns ngokwahlukana.
Kumanje akwaziwa noma bazoyiqala neStellies iBetway Premiership o-Ishmael Oliver Toure, Antonio van Wyk noFawaaz Basadien, okuvela ukuthi bayafunwa futhi nabo bazimisele ukushiya kuleli qembu eliphekwa nguSteve Barker.
“Ngabe ngidliwa umona uma ngenza sengathi angiboni ukuthi kukhona okuhle okwenziwayo kwiStellenbosch nokuthi kuyancomeka,” kusho uMngqithi.
“Siya emdlalweni neStellenbosch ngaphandle kokuqagela ukuthi uma sizithambisa ngeke siwudlale owamanqamu weMTN8 ekubeni siwubhekile.
“Kusukela bekhushulelwe esigabeni esikhulu bangelinye lamaqembu enza kahle cishe kunawo wonke ngokuhamba ibanga kweyezinkomishi.
“Kunzima ukuziba indlela abakhiqiza ngayo abadlali kodwa ukubadedela kalula kuzoba inkinga kubona uma bengakugwemi kusenesikhathi.
“Kuhle ukwenza imali ngabadlali kodwa uma uzobadedela babe baningi amasizini elandelana kukhona ingozi osuke ulengela kuyona.
“Angikholwa ukuthi konakele kangako kodwa uma beqhubeka nokubadedela ngalesi sivinini bazongena ogibeni okuwele kulona iMaritzburg kumasizini adlule,” kusho uMngqithi.
UMngqithi ukhuluma kanjena nje noBarker, obekhuluma nabezindaba eThekwini, uluthintile udaba lokuhamba kwabadlali.
“Siyiqembu elingasoze lama endleleni yomdlali ngakho-ke sijwayele ukuzithola sivaleleke ekhoneni uma kukhona iqembu elizimisele ukukhokhela abadlali bethu.
“Akumnandi ukulahlekelwa abadlali abamqoka kodwa sisuke sisontekile ngenxa yezivumelwano nemibandela ekhona ezinkontilekeni. Okunye esingeke sikwenze ukugcina umdlali ekubeni sazi ukuthi inhliziyo yakhe isikwelinye iqembu,” kuphetha uBarker.