UHLABEKE umxhwele umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ukubona abadlali abanika ithuba bekhombisa ukuthi bayafuna ukuba yingxenye yaleli qembu.
UMngqithi ukusho lokhu ngemuva kokuba ezakhe zivulele isibhaxu sika 4-1 kwiMarumo Gallants emdlalweni we-Betway Premiership, eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli, ngoLwesibili.
Kubukeka lo mqeqeshi enganqeni ukwenza izinguquko esikimini saleli qembu kusukela ethathe izintambo.
Emdlalweni weGallants wenze izinguquko ezingu-11 ngemuva komdlalo waleli qembu neMbabane Swallows weChampions League obungempelasonto edlule.
“Akungiphathisi ngekhanda ukuba nabadlali abaningi okufanele ngikhethe kubona ukusetha isikimu. Empeleni nje kungihlaba umxhwele ukuba nabadlali abaningi engithi uma ngibanika ithuba bakhombise ukuthi bayafuna ngempela ukuba sesikimini. Liyakhuthaza izinga lokusebenza ngokubambisana eqenjini nokubona abadlali abadala besebenza ngokuzimisela bekhuthaza abafikayo,” kusho uMngqithi.
Nokho, uyavuma lo mqeqeshi ukuthi iyohlale ikhona inselelo ekubopheleni isikimu ngenxa yabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu.
“Inselelo yokukhetha iqembu elizodlala iyohlala ikhona kwiSundowns kodwa yinselelo enhle ukuthi ube nabadlali abangu-11 obakhethile ukuthi badlale, ekubeni usenabanye abangu-20 abahleli ngaphandle nabo abamagange ngokunikwa ithuba.”
Phakathi kwabadlali abasanikwe ithuba bashaya into ecokeme, kubalwa u-Asekho Tiwani ojoyine leli qembu ngaphambi kokuqala kwale sizini esuka kwiSekhukhune United. UTiwani uyibamba maphakathi emuva, kanti ubanga ijezi nomakadebona uGrant Kekana noMothobi Mvala obesalimele. Usenemidlalo emibili yeligi, nowodwa weCaf Champions League.
UMalibongwe Khoza osuka eqenjini elincane le-Downs elidlala kwiDStv Diski Challenge, naye ungomunye asebethole isikimu ngaphansi kukaMngqithi.
Nomgadli osanda kusayiniswa yileli qembu, u-Iqraam Rayners esuka kwiStellenbosch FC, usekhombise izimpawu zokuba ngumdlali osazokwenza izinto zenzeke.
Useshaye amagoli amabili emidlalweni emithathu, emibili yePremiership nowodwa weChampions League.
Kwenzeka lokhu nje, kusaqhubeka ukungabonakali esikimini saleli qembu kwabadlali ababili abayizethenjwa; uKhuliso Mudau noTeboho Mokoena, abasanda kumenyezelwa eqenjini lesizwe leBafana Bafana labadlali abangu-32 abasazophungulwa ngaphambi komdlalo wokuhlungela i-Africa Cup of Nations neCongo, ngo-Okthoba 11.
AmaSandawana azotholana phezulu neKaizer Chiefs emdlalweni wePremiership, eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.