INKULUMO yomqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, nabezindaba ngempelasonto idwebe isithombe sokuthi kungase kuthathe isikhathi ngaphambi kokuthi isilomo saleli qembu, uTebogo Mokoena, sibonakale enkundleni ngoba usawenza ngendlela umsebenzi, uRivaldo Coetzee.
Iwini yeSundowns ka 2-1 kwiKaizer Chiefs kwiBetway Premiership bekuwumdlalo wesihlanu kulandelana ezikaMngqithi ebeziwugijima ngaphandle kwale nsika yeBafana Bafana.
Indawo ejwayele ukudlalwa uMokoena ibigijinywa uCoetzee ngoMgqibelo iSundowns inqoba kwiChiefs e-FNB Stadium, eSoweto.
Kusukela uMngqithi ethathe isikhundla, kuRhulani Mokwena, kuningi okumenza abe sematheni kodwa okugqamile ilokhu ajwayele ukukhipha ngomlomo uma ehlangene nabezindaba.
Ukuqhubeka kwakhe ukuziba uMokoena noKhuliso Mudau, yikhona okubukeka sekumakhele nezitha kwazise kunabalandeli abakubuka lokhu njengokuthambisa iBafana kaHugo Broos.
Sekungumlando ukuthi uMudau ungenile esuka ebhentshini koweChiefs kodwa uMokoena ubengekho ngisho ebhentshini.
“Akekho ongabaza ikhono likaMokoena nobumqoka bakhe kwiSundowns ikhona nje ukuthi uCoetzee okunguyena odlalayo okwamanje, uwenza ngendlela umsebenzi,” kusho uMngqithi esithangamini nabezindaba e-FNB.
“UMokoena ungomunye wabaholi kwiSundowns futhi le ndawo ayibanga noCoetzee uyakwazi ukuyidlala. Empeleni uMokoena ukwazi ukudlala izindawo eziningi ezahlukene ingakho emqoka kithina.
“Bonke abadlali beSundowns bangabadlali abakhulu ngakho-ke noma ngabe kudlala bani kimina akusho lutho kangako.
“Iphutha okungafanele lenzeke ukuqhathanisa uCoetzee noMokoena ngenxa yalokhu engikushoyo. Bangabadlali abahlukene futhi Abasinika okukhulu nokuhle ngezindlela ezahluleke.
“Bobabili bamqoka futhi basezinhlelweni zeSundowns zesizini,” kusho uMngqithi.
UMokoena ugcine ukubonakala enkundleni kwiBafana inqoba kwiSouth Sudan ekuhambeni ngoSepthemba 10.
Ngaphambi kwalokho ubedlale oweBafana ne-Uganda waphinda wayidlala yomithathu eyeSundowns kwiMTN 8 nePolokwane City neStellenbosch FC (imilenze yomibili).
Emibili neMbabane Swallows yeCaf Champions League imeqile kanjalo neyokuqala emithathu yePremiership neSuperSport United, Marumo Gallants neChiefs.
UMngqithi ufuna uMokoena amake okuyindlela yokudlala ehlukile uma kuqhathaniswa nabesetshenziswa kuyona uRhulani Mokoena. Yehlukile futhi nayidlalayo eqenjini lesizwe.
UMokoena ukhona esikwatini sikaBroos sabangu-33 okusafanele sinqanyulwe ngaphambi kokuthi iBafana ibhekane neCongo-Brazzaville ekhaya nasekuhambeni kuqala ngo-Okthoba 11 (ekhaya).