UYAYIVUMA eyokungenzi kahle kweyemikhumulajezi kula masizini ambalwa edlule umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, ofunga ngokuphipha amangwevu kwiCarling Knockout Cup.
ISundowns izoba ngosokhaya emdlalweni we-Last 16 yeCarling Knockout ezotholana phezulu kuwo neLamontville Golden Arrows eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, namuhla ngo-6 ntambama.
Leli qembu lasePitoli, eselizuze izindebe zeligi yePremiership amasizini ayisikhombisa elandelana, lagcina ngesizini ka-2012/2013 ukuzuza indebe yeCarling Knockout eyayisabizwa ngeTelkom Knockout.
“Asenzanga kahle impela emiqhudelwaneni yomkhumulajezi kula masizini ambalwa edlule. Uma ngingaphosisi, ukugcina kwethu ukuzuza indebe yomkhumulajezi kwakuyile sizini esawina ngayo zonke izindebe ezazidlalelwa, okuyisizini ka-2021/2022.
Khona akukubi kakhulu ngakho-ke nani (eqondise kwabezindaba) musani ukusihlasela kakhulu nenze kubukeke sengathi sekuyisikhathi eside kakhulu singawini ndebe yomkhumulajezi (esho sakuncokola).
Kodwa kulokhu nakanjani sizokwenza konke okusemandleni ukuthi siyinqobe le ndebe yeCarling Knockout,” kusho uMngqithi.
Ebuzwa ngokubhekana neGolden Arrows, uMngqithi ukubeke kwacaca ukuthi yize elihlonipha leli qembu laseThekwini alithatha njengengxenye yomndeni wakhe kodwa uthe uze ngomsebenzi emdlalweni wanamuhla, akanashwele.
“Ngiyayihlonipha kakhulu iGolden Arrows. Kimina ifana nengxenye yomndeni wami njengoba kuyilona qembu elanginika ithuba lokuqeqesha esigabeni esiphezulu sebhola elikhokhekhayo. Ngihlala njalo nginomuzwa wokuthi ngiyalikweleta leli qembu ngelangenzela khona empilweni yami nomndeni wami.
Nokho sinomdlalo omqoka okufanele siwudlale, siwunqobe. Yebo, emidlalweni yabo yakamuva abadlalanga kahle kodwa baseyiqembu elihle elisadlale kahle kule sizini esanda kuqala. Badlale kahle neStellenbosch neMarumo Gallants kodwa baba neshwa beshaywa yiMagesi.
Ngakho silindele umdlalo onzima kubona. Bayiqembu eliyingozi ekuhlaseleni, ngabadlali abanjengoSibiya (Nduduzo), Masuku (Menzi) noMutizwa (Knox) ongumgadli oyingozi nohlale esefomini ngaso sonke isikhathi.”
I-Arrows, eqeqeshwa nguMabhuti Khenyeza ngokubambisana noKagisho Dikgacoi, ibhekene nenselelo yokuvuka izithathe kulo mdlalo wanamuhla neDowns kulandela ukushaywa emidlalweni emibili yeBetway Premiership ilandelana beshaya ngo 1-0 yiMagesi neSekhukhune United ngo 2-0 ngaphambi kwekhefu leFifa.