IZINOMBOLO seziqalile ukuveza umlando kungakadlalwa nakudlala kwi-2023 Fifa Womens World Cup.
Umbiko okhishwe yiFifa izolo uveze ukuthi bangu-736 abadlali abazoshukana embangweni wesicoco somhlaba e-Australia nase-Aotearoa eNew Zealand.
Lo mqhudelwano uzodlalwa phakathi kukaJulayi 20 no-Agasti 20.
Abadlali abangu-736 bazobe bemele amazwe angu-32, nokuzobe kungokokuqala kushukana isibalo esingaka kwiNdebe yoMhlaba yamantombazane.
EFrance ngo-2019, bekubanga angu-24.
Kuzokhumbuleka futhi ukuthi kungokokuqala kudlalelwa emazweni amabili.
Kuzoba ngumqhudelwano wesishiyagalolunye weNdebe yoMhlaba yabesifazane kanti kulindelwe kuphuke amanye amarekhodi ngokubukwa kwemidlalo.
Owamanqamu uzoba seStadium Australia, eSydney (ibuye yaziwe ngeWangal ngokolimi lwangakhona ngeSonto lika-Agasti 20.)
Owokuvula ungoLwesine oluzayo phakathi kweNew Zealand nompetha bomhlaba bango-1995, iNorway emdlalweni ozoba se-Eden Park, e-Auckland ebuye yaziwe ngeTamaki Makaurau ngesiMaori.
Ngosuku olufanayo, i-Australia nayo izosingatha iRepublic of Ireland (ezobe idlala okokuqala kulo mqhudelwano) eSydney.
IBanyana, ezomela iNingizimu Afrika, izobe idlala okwesibili kulo mqhudelwano.
Iyaqala ukuya ingompetha base-Afrika.
Iqhathwe kwiGroup G neSweden (evula nayo ngoJulayi 23 ngo-7 ekuseni), Argentina (ngoJulayi 28 ngo-2 ekuseni) ne-Italy ngo-Agasti 2 ngo-9 ekuseni).
Amanye amazwe amele i-Afrika, yiNigeria, Zambia neMorocco. -Malibongwe Mdletshe