UMSUNGULI womqhudelwano iKhabba Cup U/21, uManqoba Mkhize, ulobizela ukubona abadlali abazoqhamuka kulo mqhudelwano bedlala esigabeni esikhulu ebholeni lakuleli.
UMkhize ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa lo mqhudelwano eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeledlule.
KwiKhabba Cup kuzoqhuthana amaqembu angu-32 asuka ezindaweni ezahlukene. Izodlalwa ngoDisemba 8-9 enkundleni yezemidlalo iSiphingo Sports Ground. Umdlalo owandulela owamanqamu nowamanqamu uzodlalelwa eKing Zwelithini Stadium. Iqembu elizodla umhlanganiso lizohamba nesamba sika-R20 000, ijezi le-Joma, ama-tracksuit e-Joma, izikibha kanye nezindondo zegolide. Elizolala isibili lizohlomula ngo-R10 000, ama-tracksuit, izikibha kanye nezindondo zesiliva. Kuzophinde kuklonyeliswe abadlali kanye nabaqeqeshi abavelele.
Ekhuluma neSolezwe uthe kwasekuqaleni kwakuyinhloso yakhe ukusungula umqhudelwano ka-under-21.
"Kade ngangifisa ukuthi abafana abancane baveze amakhono abo. Lo mqhudelwano ngibona uzoba nesasasa elikhulu kakhulu ngoba kuzobe kudlala abafana abancane," kusho uMkhize.
Uthe amaqembu adlala ezigabeni eziphansi zeSafa abekhala ngoba abengakwazi ukudlalisa amaqembu awo amancane emqhudelwaneni oba ngo-Juni ngonyaka wayo iKhabba Cup kwazise kusuke sekudlala abadlali asebemnkantshubomvu bedlalela imali kakhulu.
"Amaqembu adlala ezigabeni zeSafa awulangazelele ngabomvu lo mqhudelwano. Abafana abancane laba esisuke sifuna bathole amadlelo aluhlaza bagcina sebengalitholi ithuba lokuzibonakalisa ngenxa yokuthi kusuke sekudlala kakhulu abasesigabeni esikhokhelayo.
"Sifuna abazohlwaya amakhono bathole abafana abancane njengoba behlezi begcizelela ukuthi bafuna abafana abaneminyaka engaphansi kuka-21 manje," usho kanje.
UMkhize uthe ukudlala lo mqhudelwano, kuzokwenza amaqembu amakhulu afike ezobabheka. Ugcizelele nokuthi ithuba lokudlala esigabeni esikhokhelayo likhona. Wenze isibonelo ngoThabiso Ndelu oseyibamba kuRichards Bay FC edlala kwiBetway Premiership owathathwa kade edlala esigabeni seSafa Hollywoodbets Super League eqenjini uMlazi Young Lions.
Amaqembu azodlala kulo mqhudelwano angu-32. Ahlukaniswe ngamaqoqo amane.
Group A: Mates FC, Ikhambi Football Academy, Blose Madrid, G4 FC, KwaDlangezwa Hellenic, Heroes FC, Iminyovu FC, UMlazi Young Lions.
Group B: Durban Pioneers, V Boyz FC, Amandla, Durban City Kings FC, United XI, Jamarie Sport Academy, Bizana FC, Bizana Pondo City.
Group C: EThekwini Coastal, Sinenkani FC, MSM United, NDW Thafamasi Stars, Qiko FC, Inkambeni FC, Langalibalele Sports Academy, Shayamoya Academy.
Group D: Mtobozi FC, PS Genesis, Future NMZ FC, Abanqobi FC, Shobeni United, KZN Future Stars, Kusekhaya Football Aces, Two For Joy