Umqeqeshi weBafana Bafana kwiCosafa Cup, uHelman Mkhalele, akafihli ukuthi kusemqondweni wakhe ukuwina lo mqhudelwano ozoqala ngoLwesithathu eGqeberha, kodwa okuseqhulwini ukuvuka ngabadlali asebekulungele ukuqinisa iBafana kaHugo Broos.
UMkhalele oyiphini likaBroos kwiBafana ethathwa njengenkulu bekumele anqamule isikwati sabadlali abangu-51 babe u-23 ungakaqali lo mqhudelwani abafakwe kuwona ku-Group A ne-Eswatini, Mozambique neBotswana.
Isikwati abesimemezele kuqala besigqishe ngabadlali abasematheni kulezi zinsuku.
Nokho okugqamile ngesikhathi esekhipha esokugcina ngempelasonto edlule ukuthi abadlali be-Orlando Pirates, Kaizer Chiefs nabeMamelodi Sundowns abasabonwa nangokhalo.
Phakathi kwabadlali abangeke babonakale eGqeberha kukhona uRelebogile Mofokeng, Thalente Mbatha noSipho Chaine, bePirates, Mduduzi Shabalala, Samkelo Zwane noBruce Bvuma bobathathu beChiefs, noSiyabonga Mabena, Lesiba Nku noZuko Mdunyelwa, beSundowns.
Nakuba zingazange zidalulwe izizathu zokuhoxa kwalaba badlali kodwa amalungiselelo okuqala kwesizini entsha kubukeka kuyiwona imbangela enkulu.
Ohlangothini lwePirates kusanda kuvela ukuthi izobuyela eSpain njengoba yenzile ngasekuqaleni kwesizini edlule ukuyoqhuba amalungiselelo ayo esizini entsha. NakwiSundowns kulindeleke ukuthi iphumele ngaphandle kwelakuleli ukuyokwenza amanye amalungiselelo ayo okuqala kwesizini entsha.
KwiChiefs ukuthi kume yonke into, ngisho ukuxoxwa ngezinkontileka zabadlali njengoba kulindelwe ukuthi kuqashwe umqeqeshi omusha, okumele azibonele azobanginga nalabo azobadedela.
UMkhalele akazange nokho agxile kubadlali abangekho ekhempini yaleli qembu lesizwe elizovula umqhudelano neMozambique ngoLwesithathu ngo-6 ntambama, eNelson Mandela Bay Stadium.
Okuqaphelekile enkulumweni yakhe nethimba leSouth African Football Assiciation (Safa) lezindaba ukuthi uzocinga abadlali asebekulungele ukukhuphukela kwiBafana kaBroos.
“Nakuba kusemqoka ukuthola imiphumela emihle kodwa okuseqhulwini kithina ukuqinisekisa ukuthi ngaso sonke isikhathi sinabo emgodleni abadlali abakulungele ukusiza iqembu lesizwe ngesikhathi abadingeka ngaso,” kusho uMkhalele.
“Ubufakazi bokukhula kwebhola lase-Afrika bucacile kwi-Afcon ngakho-ke nathi sihlale sizihlupha ngokuthi singabandisa kanjani abadlali bethu abajwayele izinga lemidlalo yamazwe ngamazwe.
“Kubalulekile ukuligcina liphezulu izinga leBafana siphinde silukhuphule ngakho-ke sikwiCosafa ukuzobheka ukuthi singaphumelela kanjani ukwenza lokhu,” kusho uMkhalele