UMGADLI weMamelodi Sundowns osephinde wabolekiswa, u-Etiosa Ighodaro, udalula isithembiso somqeqeshi uRhulani Mokwena ngethuba lokudlala kuleli qembu.
U-Ighodaro (22) waseNigeria, ubolekiswe ngamaBrazilians komakhelwane iSuperSport United ngesonto eledlule. Sekungokwesithathu lo mgadli ebolekiswa kusukela asayina kwiSundowns ngo-2021. Ngesizini ka-2021/2022 ubolekiswe kwi-University of Pretoria eyibamba kwiMotsepe Foundation Championship.
Ubuye lapho wakhonjwa kwiChippa United ayishayele amagoli angu-11 ngesizini edlule. Bekunezinkulumo ezithi ukwenza kahle kuka-Ighodaro kwiChippa kumphendlele indawo esikimini seSundowns.
"Akusona isinqumo sami ukubolekiswa. Bengingathanda ukuyodlala kwiSundowns ngoba kuseyiphupho lami. Uma nginikwa ithuba ngiyolisebenzisa, ngenze okufanele ngikwenze," kusho u-Ighodaro.
"Akuyi ngokuthi ngenze okwanele yini kwiChippa, kuya ngokuthi ngikulungele yini ukudlala kwiSundowns. Angazi. Uma becabanga ukuthi angikakulungeli, bafuna ukungibolekisa, kulungile. Ngicabanga ukuthi emuva kwalokhu ngizobe sengikulungele. Umqeqeshi ungitshele ukuthi angibolekiswe futhi. Emuva kwalokhu ngizobuya ekhaya ngizodlala."
KwiSuperSport, u-Ighodaro uzoqeqeshwa nguGavin Hunt ozwana nabadlali abazikhandlayo. Uzobanga ijezi noTerrence Dzvukamanja osuka kwi-Orlando Pirates nomakadebona uBradley Grobler. Amatsatsantsa azomela iNingizimu Afrika kwiCaf Confederation Cup kulandela ukuqeda endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership ngesizini edlule.
"Ngiyajabula ukuba lapha. Ngisebenza kanzima ukuze ngizodlala. Lapha kwiSuperSport yindawo yokuthi ngiqhakaze. Uma ngiphumelele ukushaya amagoli angu-11 kwiChippa kusho ukuthi ngizosiphinda kabili lesi sibalo lapha kwiSuperSport ngoba sinabadlali abazongeseka, bangisize. Ngicabanga ukuthi kuzokwenzeka lokho," kusho u-Ighodaro.