I-France izongena emdlalweni omqoka wamaqoqo kowe-Euro 2024 neNetherlands ngaphandle kukakaputeni wayo, uKylian Mbappé, olimale emdlalweni wokuvula ibhekene ne-Austria ngoMsombuluko ebusuku.
UMbappé ushayisane nesitobha se-Austria, uKevin Danso, esiwombeni sesibili, waphuma esegxiza igazi ngamakhala.
ILes Bleus igcine iwunqobile umdlalo ngo 1-0, ngegoli elingene ngesikhathi umkhonto wesitobha se-Austria, uMaximilian Woeber, ugwaza ekhaya esiwombeni sokuqala.
Ngokombiko wesiteshi sethelevishini saseFrance, iCanal Foot Plus, uMbappé uphuke ikhala futhi ngeke akulungele ukubuya emdlalweni olandelayo neNetherlands ngoLwesihlanu ebusuku.
INetherlands iqhwakele kuGroup D ngamaphuzu amathathu nesibalo esithe xaxa samagoli kulandela ukunqoba iPoland ngo 2-1 emdlalweni wayo wokuvula. IFrance ilandela eduze ngamaphuzu amathathu negoli elilodwa, iPoland ne-Austria abakatholi maphuzu.
Uma kwenzeka uMbappé ebuya emdlalweni wokugcina wamaqoqo nePoland ngoLwesibili, kuzodingeka ukuthi agqoke i-mask ukuze avikele ubuso bakhe.