OMUNYE wabadlali okwagcina ngabo ukuthi iKaizer Chiefs inqobe izicoco, uTefu Mashamaite, ubona abalandeli kusazobaphoqa ukuthi babekezele ngoba iqembu labo lidinga umqeqeshi ozofika nendlela ehlukile yokudlala, ezothatha isikhathi eside ukuthi ikhiqize izithelo.
Sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye Amakhosi eyindaba egudwini ngenxa yokuhluleka ukunqoba izicoco.
IChiefs yagcina ngesizini ka-2014/2015 ukuphakamisa indebe lapho yanqoba iMTN8 nesicoco seligi ngaphansi kukaStuart Baxter.
Indlela isimo esilokhu siya sibi ngayo kule sizini kubanjwe umoya ekhempini yayo nakubalandeli ukuthi ngabe izokwazi ukuqeda le sizini yeDStv Premiership kwiTop 8.
Izodlala owokugcina weligi ngoMgqibelo neCape Town Spurs, e-Athlone Stadium. Izongena enkundleni ibambe indawo yesishiyagalombili ngamaphuzu awu-36.
Ngesikhathi iChiefs inqoba iMTN 8 ngo-2014, ihlula omkhaya i-Orlando Pirates, yawezwa yigoli likaMashamaite alingqofela phakathi ngekhanda.
Abaqeqeshi abalandele ngemuva kukaBaxter bahlulekile ukuletha impumelelo kuleli qembu laseNaturena. Naye uBaxter uke wabuyiswa kumasizini edlule kodwa kwangamhambela kahle.
Njengamanje izintambo zibanjiswe uCavin Johnson okubukeka nakuyena umkhumbi ucwila.
Ngesikhathi uJohnson ethatha izintambo kuMolefi Ntseki ngo-Okthoba nyakenye, kwakucacile ukuthi uzowushiya lo msebenzi ekupheleni kwesizini, iqembu bese lithola umqeqeshi omusha.
UMashamaite ululeke abaphathi beChiefs ngokuthi bathole umqeqeshi ongasinisi mahleza, okuzokhala isicathulo sakhe kuzwakale.
"Okukhulu kunakho konke ukuthi kuzomele ithole umqeqeshi wezinga eliphezulu, ozofika nendlela ehlukile yokudlala. Le ndlela kuzomele iqale eqenjini elikhulu ize iyoshaya phansi, ezinkuliseni zayo. Ilona ikusasa le bhola leli. Wonke amaqembu amakhulu alendela le ndlela yokwenza izinto.
“Ngiyazi ukuthi abalandeli beChiefs sebebekezele isikhathi eside. Kubuhlungu kunjalo, kuyabaphoqa ukuthi bayibambe ishisa injalo. Akusizi ukuthatha izindlela ezinqamulelayo. Iqiniso ukuthi le ndlela izothatha isikhathi eside ukuthi ikhiqize izithelo," kubeka uMashamaite awayedlala emuva.
Uqhube wathi kubuhlungu nakubona bengabadlali abadala beChiefs ukuthi iqembu elenzi kahle.
"IChiefs yiqembu elikhulu, elazakhela umlando wokuhlale limataniswa nezinto ezinhle. Laziwa ngokuhlale linqoba izinkomishi. Njengoba sengishilo, akusisizi ukuthatha izindlela ezinqamulelayo. Konke akwenziwe ngendlela efanele. IMamelodi Sundowns isizwa ukwenza izinto ngendlela efanele. Yahlala phansi yavumelana ngokudlala uhlobo uluthile lwebhola. Lokhu kwenzeka eqenjini elikhulu kuze kuyoshaya ezinkuliseni zayo. Asibekezele kuzolunga.“
UMashamaite owanqoba nesicoco seNedbank Cup ngesizini ka-2012/2013 neChiefs, uthe akukubi njengokusho kwabantu.
"Kukhona okuhle okwenziwe iChiefs kule minyaka edlule. Ikwaze ukufinyelela kowamanqamu weChampions League, yakwazi nokuhamba ibanga elide kweminye imiqhudelwano. Lokhu kusho lukhulu. Kwale kancane ngo-2019/20 ukuthi ithathe isicoco seligi. Kuningi okungakhelwa phezu kwakho. Ngisasho namanje, asibekezele," kuqhuba uMashamaite obengomunye wezinkakha zeChiefs ebezidlala nezePirates kowobungani ngmepelasonto edlule, kwethulwa kuwo inkundla yezemidlalo eqanjwe ngegama likaSiyabonga "Nsimbi" Sangweni, eDondotha, eMpangeni.
UMashamaite owanqoba umklomelo wePSL Footballer of the Season, Player’s Player noweDefender of the Season esakwiChiefs, uthe ngeke asole abadlali ngesimo esenzekayo.
"Kumele sikuqonde ukuthi yindlela yokwenza izinto eyone izinto kwiChiefs. UMthethwa (uSibongiseni) no-Ashley Du Preez, bebedlala kahle kwiStellenbosch. UGiven Msimango ubenza ezibukwayo kwiTS Galaxy. Kuyikona nje ukuthi kumele kukhandwe isiko lokunqoba nokuzethemba.“