AKALIPHONSILE ithawula ngokubuyela enkundleni umgadli uLehlohonolo Majoro osehlale izinyanga engadlali ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe naMaZulu FC ekupheleni kwesizini edlule.
UMajoro (37) waqala ukubonakala ebholeni elikhokhelayo kulona Usuthu ngo-2010, wabuye wadlalela iKaizer Chiefs, Orlando Pirates, Cape Town City neBidvest Wits. Ubuyele kuMaZulu ngesizini ka-2019/2020, wadlala amanye amasizini amane.
Bekungacacile ukuthi usazimisele yini ukubuyela enkundleni noma usenqume ukuwagaxa emgibeni amakhokho ngaphambi kokuthi aphumele obala engxoxweni abenayo neThe Bettor Podcast kwiYouTube.
“Eqinisweni angikaliyeki ibhola. Ngiyaqala ngqa ukuzithola ngingenalo iqembu selokhu ngaqala ukudlala esigabeni esiphezulu ngo-2010. Angikaze ngibhekane nalesi simo ngoba nangesikhathi ngishintsha amaqembu ngangihlezi ngazi ukuthi ngiyaphi,” usho kanje.
“Sekuphele izinyanga eziyisithupha ngingenalo iqembu. Kuke kwaba nzima ezinyangeni ezimbalwa zokuqala lingekho iqembu. Lena into engingakaze ngiyibone ngaphambili, ngakho izinyanga ezimbalwa ngizibuza ukuthi ngizoluthola nini lolo cingo (oluqhamuka kwelinye lamaqembu ebhola), nokuthi ngizoyaphi noma kuzokwenzekani. Sekufike lapho sengamukele khona ukuthi kungenzeka noma yini. Yebo, ngisafuna ukudlala kodwa ngeke ngikuphoqe lokho.”
Ebuzwa ukuthi ngabe usabheke ukudlala esigabeni esiphezulu kuphela noma angalijoyina yini iqembu elidlala esigabeni sesibili, iMotsepe Foundation Championship, uMajoro uthe angayicabanga eyokudlala kwesesibili uma ithuba livela.
“Okuhlekisayo wukuthi angikaze ngiluthole ucingo oluvela kwiNFD (Motsepe Foundation Championship) kodwa yinto engingayicabana ngoba ngiyalithanda ibhola. Ngisanda kwenza izifundo zokuqeqesha ngathola iFifa D Licence,” uqhube kanje.
“Angisho ukuthi ngizongena ngokugcwele ekuqeqesheni kodwa ngifuna ukuba ngaphakathi ebholeni. Ibhola bengilokhu ngilibuka ngeso lomdlali impilo yami yonke kodwa manje sengifuna ukulibona nangelomqeqeshi.”
Ngesikhathi esalinde izingcingo eziqhamuka emaqenjini, lo mgadli oseshaye amagoli angu-79 emidlalweni engu-323, uthe usazoqhubeka nokugxila emabhizinisini akhe nasezinhlelweni anazo zokusiza umphakathi wangakubo eLadybrand, eFree State.
“Njengamanje ngisagxile ekuqhubeni amabhizinisi ami, nginenkampani ebizwa ngokuthi iMajoro Holdings. Ngiphinde ngibe nenye engayenzi inzuzo, iMajoro One Life Foundation. Ngihlose ukuba nemiqhudelwano yebhola ngasekhaya. Kukhona nesikole sabakhubazekile engifuna ukubambisana naso,” uphethe kanje.
UMajoro uphinde waveza ukuthi usaqhubeka nokuzivocavoca yedwa ukuze ahlale ekulungele ukubuyela enkundleni.