ISILOMO somdlali we-Orlando Pirates, uThembinkosi Lorch, silahlwe yicala lokushaya owayeyintombi yaso.
Ngokubika kweJacaranda FM, uLorch ubebhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza, enkantolo kaMantshi, eRandburg.
Icala libe selihlehliselwa uJulayi 28 sekuzolalelwa isigwebo.
Isigameko senzeka ngo-2020, lo mdlali wase ededelwa ngebheyili ka-R2000.
“UFundiswa Nokuphiwa Mathithibala uthe wayevakashele uLorch, wabe (lo mdlali) ehamba kwakhe ezikhipha nabangani bakhe. UMathithibala wabona ukuthi isikhathi siyahamba, wabe esemthumelela umyalezo ukuthi abuyise izikhiye zakhe zemoto,” ucashunwe esho kanje, okhulumela iNPA, uPhindi Mjonondwane.
Uqhube wathi ngesikhathi uLorch esebuya kwasuka ingxabano, uLorch wagcina eseba nodlame, waklinya lona wesifazane, wamshaya.
UMjonondwane uthe umshushisi ukwazile ukuveza ukuthi ubufakazi bokuhlolwa ngodokotela, buyahlangana nalobu obubekwe ummangali.