UNOZINTI weMagesi FC, u-Elvis Chipezeze, usale ehleka yedwa ngemuva komqhudelwano iCarling Knockout njengoba ewuqede nesamba sika-R400 000 esithi yena, awuhlanganise ngokuqokwa njengomdlali ovelele kuyona yonke imidlalo yeqembu.
Nangempelasonto edlule lo nozinti odabuka eZimbabwe, uthole isheke lika-R100 000 obekungelesine ethatha umklomelo womdlali ovelele kulandela ukugeza ubebebe abadlali beMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu.
Amagalelo akhe emapalini namagoli kaTshepo Kakora benoDelano Abrahams, asize iMagesi yaqukula indebe ngemuva kokunqoba iSundowns ngo 2-1 emdlalweni obuseToyota Stadium, eBloemfontein ngoMgqibelo.
Umqeqeshi weMagesi, uClinton uLarsen, ubonge umsebenzi kanozinti weqembu uFiston Kabwanga ngokupheka uChipezeze afinyelele kuleli zinga akulona.
Ekhuluma nabezindaba uLarsen ngemuva kokudla ubhedu, uqale wancoma uPedro Picarro oyi-Physical Trainer kwiMagesi. Uncome uPicarro ngokugcina abadlali bakhe beqatha, bekwazi ukumelana nokugijima umdlalo uqala uze uyophela.
“Ngifuna ukumbonga esidlangaleni uPedro ngomsebenzi awenzile, ngokushiya umsebenzi wakhe eBrazil walandela mina kwiNFD. Ngicabanga ukuthi manje usewutholile umvuzo ngokubuyela eNingizimu Afrika ngokwenza umsebenzi wakhe.
“Omunye umqeqeshi engifuna ukumbalula ngaphandle kwamaphini ami uPapi Zothwane noJackie Ledwaba, umqeqeshi wonozinti osemncane engamthola kwiSummerfield Dynamos (edlala kwi-KZN ABC Motsepe League), uFiston Kabwanga. Wayengunozinti wagcina esengumqeqeshi ngesikhathi ngifika kwiSummerfield. Ngimubeka ezingeni eliphezulu kakhulu. Usezivezile esikhathini esifushane ukuthi ungumqeqeshi wonozinti omuhle. Indlela adlala ngayo uChipezeze nabanye onozinti eningakababoni, konke kungenxa yomsebenzi owenziwa uyena. U-Elvis usalokhu enza kahle selokhu kuqale isizini kodwa ngabe akekho lapha ukube akakutholi ukuqeqesheka akutholayo. Ngakho ngithanda ukubonga kakhulu ithimba lami labaqeqeshi, ikakhulu uPedro noFiston ngomsebenzi omuhle abawenzayo,” kusho uLarsen.
Ngesikhathi uChipezeze ekhuluma neSolezwe ngaphambi kokuqala kweCarling, wakuveza ukuthi usehlukene nomkhuba wakhe omdala wokubambezela umdlalo ngokuzilalisa ezenza olimele ngenhloso yokuchitha isikhathi.
UChipezeze (34) ngenkathi lo mqhudelwano usaziwa ngeTelkom Knockout - esadlalela iBaroka FC, wazakhela udumo ngokuzilalisa ezenza olimele izikhawu eziningi emdlalweni wamanqamu, owagcina unqotshwe yiBaroka ngo 3-2 kumaphenathi ngo-2018 ihlula i-Orlando Pirates.
Lesi sitayela sokuchitha isikhathi ngokuzilalisa konozinti sagcina sesaziwa “ngesiChipezeze”.
“Sengikhulile manje, angisayingeni eyokuChipezeza. Ngabona ukuthi akuyona into elungile ebholeni, yize kungeyona into ojeziswa ngayo ngunompempe. Into engayibona ukuthi bakhona onozinti abasebancane ezigabeni zama-amesha abasebeqalile ukuyenza le nto. Ngabona ukuthi ayilunganga ngoba iyisibonelo esibi kubadlali abasakhula ababukela kithina onozinti abadlala esigabeni esikhokhelayo,” kusho uChipezeze.
IMagesi esendaweni ka-11 kwi-log yeBetway Premiership izobuyela enkundleni ngoMgqibelo, ivakashele iChippa United eBuffalo City Stadium ngo-8 ebusuku.