UMUZWA wokuba ngumpetha okokuqala kusukela afika ebholeni elikhokhelayo kumshiye elolekile, uPapi “Ginger” Zothwane, oyiphini lomqeqeshi weMagesi esanda kumangaza abaningi ngokudla isicoco seCarling Knockout ngokushaya iMamelodi Sundowns.
UZothwane (43) uhole iMagesi nomqeqeshi uClinton Larsen noJacky Ledwaba yanqoba indebe ingakaqedi nezinyanga eziyisithupha ikhushulelwe esigabeni esikhulu iBetway Premiership emva kokuwina iligi yeMotsepe Foundation Championship.
Eyokuwina kukaZothwane inkomishi okokuqala ebholeni elikhokhelayo uyitshele abezindaba emcimbini weCarling Knockout maphakathi nesonto, eGoli.
Nakuba uZothwane adlalela amaqembu okubalwa kuwona iMaritzburg City, Lamontville Golden Arrows, Mamelodi Sundowns neBloemfontein Celtic kodwa ubeqala ukuqukula isicoco kusukela afika kwiPremiership ngo-2002.
Nasemaqenjini asebenze kuwona njengephini lomqeqeshi okubalwa Uthongathi FC (amahlandla amabili), Polokwane City neBlack Leopards, akawinanga lutho. Kwenzeka okufanayo nakwiBafana Bafana, ayidlalela amahlandla ayisishiyagalombili.
“Angifuni ukuwukhohlwa maduze umuzwa engiwuzwe nginqoba iCarling neMagesi ngoba kungenxa yawo senginogqozi olukhulu lokuhlabana ngezinye izinkomishi,” kusho uZothwane.
“Ngiyaqala ngqa ukuwina okuthile. Angifuni ukuqamba amanga, kuwumuzwa omnandi. Angizimisele ngokungaphindi ngiwuzwe lo muzwa. Kungenxa yawo ngizizwa ngilolekile ukubhukula nakakhulu kukhona konke engikwenzayo ukuze ngihlale ngisondelene namathuba okuzwa lo muzwa,” kusho yena.
Ubonge kakhulu uClinton Larsen, oyinhloko yabaqeqeshi kwiMagesi.
“Ngaphandle kokungethemba kwakhe ngabe angikho lapha ngikhona. Uwubufakazi bokuthi uma ukholelwa emsebenzini wakho kugcina kukhona umvuzo owutholayo.
“Ngikhule ngingumdlali okholelwa emjikweni nasebholeni eliya phambili kodwa ukuhlangana naye kungikhulisile ngawubona ngezindlela eziningi ezahlukene unobhutshuzwayo. IMagesi ibunjwe ngabadlali okungelula ukudlala ngabo ibhola elihlabahlosile ngenxa yezizathu ezaziwayo kodwa uLarsen usengifundise umqondo wokumelana nezimo ezibukeka zinzima.
“Bekufana nokuthi sibhekene neBafana kowamanqamu weCarling kodwa indlela uLarsen ayehlele ngayo yagcina sekuyiyona eyenza abadlali babuyelwe ithemba yize babekhombisa izimpawu zokungakholelwa kuyona.
”Le nkomishi ngeke kube eyokugcina kimina ngiyafunga. Ingilolile ngakho-ke senginentshisekelo entsha yokuqinisekisa ukuthi kukona konke engikwenzayo ngibeka iqembu engikulona ethubeni lokuqukula inkomishi,” kusho uZothwane.
IMagesi izobuyela enkundleni ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama, isivakashela iMarumo Gallants emdlalweni weligi eSeisa Ramabodu Stadium, eBloemfontein.
Imidlalo yeBetway Premiership
Kusasa: Richards Bay v SuperSport United (King Zwelithini Stadium, 7.30pm)
NgoMgqibelo: TS Galaxy v AmaZulu (Mbombela Stadium, 3.30pm); Marumo Gallants v Magesi (Seisa Ramabodu Stadium, 5.45pm); Sekhukhune United v Cape Town City (8pm)
NgeSonto: Polokwane City v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)