UMQEQESHI weStellenbosch FC, uSteve Barker, ukholwa wukuthi iqembu lakhe alidlulanga ngoba lithole iMamelodi Sundowns ilahlile kowandulela owamanqamu eMTN8 kodwa linqotshiswe wukukhuphula izinga.
IStellies izifake kowamanqamu ngesikhathi iguqisa amaBrazilian ngo 1-0 emlenzeni wesibili obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama, yanqoba ngo 2-0 uma sekuhlanganiswe imilenze yomibili.
“Ngicabanga ukuthi abalandeli beSundowns nabebhola jikelele bangasho ukuthi iSundowns ibe neshwa ngoba ishaye ipali amahlandla ambalwa kodwa nathi siwatholile amathuba amahle emizuzwini engu-25 kuya ku-30 yokuvula esiwombeni sokuqala,” kusho uBarker.
“Simake ngokubambisana, sasebenzisa ubuchule. Iqembu elifana neSundowns liyohlale liwakha amathuba futhi ukube ilitholile igoli elilodwa ibizosidalela inqwaba yezinkinga ngasekupheleni komdlalo.
“Kusobala ukuthi izinga lokuzethemba kanye nokubambisana kuphezulu eqenjini, akukhathali ukuthi ibhola likithina noma alikho kithina, yingakho sesingene kowamanqamu. Ngakho-ke ngithanda ukuhalalisela abadlali kanye neqembu. Ngebhadi besingadlali phambi kwabalalandeli bethu kodwa besidlalela bona.”
EzikaBarker zibuyise izinduku kwazise iSundowns yayigcine izikhiphe ngo 2-1 kowandulela owamanqamu eNedbank Cup ngesizini edlule. Emidlalweni emibili yeligi kwakhonya iqembu laseMamelodi ngo 3-1 nango 1-0.
UBarker uthe iSundowns ikhombisile ukuthi isayiqembu eliyingozi kodwa ukuzethemba nokugxila ezinhlelweni zabo yikhona okwenze bakwazi ukuphendula amatafula.
“Indlela esidlale ngayo iyona eyenze sinqobe le midlalo emibili. Ngeke ngisho ukuthi kungenxa yokungenzi kahle kweSundowns. Ikhombisile ukuthi isasezingeni eliphezulu futhi isengakwazi ukunqoba izicoco. Ngokwami iyona esasethubeni lokudlala isicoco seligi futhi,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Iseyiqembu eliyingozi kakhulu eligcwele abadlali abasezingeni eliphezulu. Okwenze saphuma phambili kule midlalo emibili ukuhleka kahle enkundleni, ukuzilungiselela kahle, ukuzethemba kanye nokusebenzisa amaqhinga afanele.
“Sikholwa wukuthi kwesinye isikhathi kufanele ube nesibindi uma ubhekene neSundowns ngoba uma ungayivali ithola isikhathi sokuphaselana. Kufanele uyicindezele ngoba uma ungakwenzi lokho abadlali bayo basemuva nabasesiswini bazokulimaza. Ngicabanga ukuthi sibavale kahle.”
IStellies izobhekana ne-AS Vita emlenzeni wokuqala emzuliswaneni wesibili kweyokuhlungela iCaf Confederation Cup eKapa, ngoSepthemba 13.