USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin Khoza, uzibekele umsebenzi wokushintsha izinto, kuhlomule abaphathi bamaqembu kule nhlangano uma ebuyiselwa kulesi sikhundla.
UKhoza ubekhuluma esithangamini nabezindaba emahhovisi ePSL eGoli, izolo, obekuhloswe ngaso ukuxwayisa abalandeli bebhola ngokugembula ngokuzicabangela. Kusona kubuye kwamenyezelwa imali ewu-R20 million ezotholwa ompetha beBetway Premiership.
Ngesonto eledlule, kuvele ukuthi ngeke abange namuntu esikhundleni sokuba ngusihlalo wePSL uma amalungu eBoard of Governors (eyakhiwe ngosihlalo bamaqembu awu-32 ePSL) esevotela isigungu esisha seNSL Exective Council (Exco) ngoNovemba 17. Ayisikhombisa amalungu azovotelwa kulesi sigungu.
UKhoza owangena kwesokuba ngusihlalo wePSL ngo-2003, bekunezinkulumo zokuthi uzoshenxa esikhundleni ngenhloso yokuthatha umhlalaphansi ebholeni. Kodwa ukuvela kwezindaba zokuthi akekho azophikisana naye okhethweni, kuqinisekisa ukuthi usazohlala kulesi sikhundla eminye iminyaka emine.
“Uma ngivunyelwa ukuthi ngibekhona, lokhu ngezinye zezinto engizozilungisa. Sifaka imali ebholeni kodwa akukho okutholakalayo ebhizinisini. Abanye abantu benza imali ngathi. Uma uhlela umdlalo udinga u-R200 000 noma u-R300 000 kungakhathaleki ukuthi ungakanani. Izinkundla akuzona ezethu, akukho okwasisalela emuva kweNdebe yoMhlaba. Inkundla ibiza u-R100 000, uma kuwumdlalo wabakhaya ibiza u-R1.3 million. Uzoyithathaphi leyo mali? Okwenza kubenzima kakhulu wukuthi awuhlomuli lutho ngezindawo zezicukuthwane. Kwezinye izinkundla konke ukufica khona,” kusho uKhoza.
“Uma uya e-UK, eGermany nakwezinye izindawo, uma uyiqembu unomdlalo, konke kuza kuwena. Okubuhlungu lapha wukuthi udayisa amathikithi ngo-R80 noma ngo-R100 uma kuwumdlalo wamanqamu, abaphethe inkundla bawadayise ngo-R5 000. Ngaphezu kwalokho, uma kukhona izindleko zikhokhwa uwena. Esikhundleni sokwenza imali, kuphuma imali ukuze kuzodlalwa.
“Uma kukhona umuntu oshonayo noma ogwazwayo, njengomhleli womcimbi kumele ukhokhe. Uma nginikwa elinye ithuba, lezi ngezinye zezinto engifuna ukuzilungisa ngoba zihlomulisa bonke abantu ngaphandle kwabanikazi bamaqembu.”
UKhoza ubuye wacacisa udaba lweqembu, iRoyal AM, elidonsa isigwebo seFifa esilivimbela ukusayinisa abadlali abasha ngenxa yokukweleta uSamir Nurkovic waseSerbia noRicardo Nascimento waseBrazil.
Emasontweni adlule, iPSL ikhiphe i-AM kwiligi yeDStv Diski Challenge (DDC) ngenxa yokwehluleka ukudlala imidlalo ngenxa yokushoda ngabadlali. I-AM ihlulekile ukukhokha imali yalaba badlali ngesikhathi esiwumnqamulajuqu ebesibekwe yiFifa ngoSepthemba, udaba lwadluliselwa kwiSouth African Football Association (Safa). Bekulindeleke ukuthi iSafa iludlulisele kwiPSL ithathe izinyathelo.
“Sixoxile ngesonto eledlule okokuqala. Kuvele ukuthi iqembu lilwedlulisela phambili udaba. Silinde umbiko weSafa ngoba isithumelele ikhophi yencwadi ephindiselwe kwiFifa. Okwamanje isinqumo angisazi,” kusho uKhoza.