USADLA amathambo engqondo ngokubuya kwiPremier Soccer League (PSL) ayichaza njengeligi “eyamphoxa” umqeqeshi wase-England, uDylan Kerr, omataniswa neMarumo Gallants.
IGallants uKerr ayifake kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup kumasizini adlule, isanda kuthenga igunya lokudlala esigabeni esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika.
Kusukela kuqinisekiswa ukuthi iGallants isithenge isitifiketi seMoroka Swallows sokudlala kwiDStv Premiership, igama likaKerr lilokhu limataniswe njalo naleli qembu.
UKerr oke wasebenza kwiGallants, Swallows neBlack Leopards, Baroka FC neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) uchaze i-PSL njegeligi ayenzele okuningi kodwa ayikaze ikhombise ukumhlonipha azibona kumfanele.
“Igama lami liyohlale lisemlandweni webhola laseNingizimu Afrika ngenxa yamaqembu anomlando engiwavikise izembe nengikwenze e-Afrika ekubeni bengafuni ukunginika amaphepha okuhlala ebhentshini.
“Ukube ikwelinye izwe ngabe ngiyahlonishwa kodwa hhayi kwi-PSL! Indlela engiphathwa ngayo ihlukile uma kuziwa ngasemaphepheni agunyaza ukusebenza.
“Angazi kanjani kodwa kujwayele ukuqondana nami kuphela ngakho-ke nalokho ngizokubhekisisa lokhu uma kukhona abangithintayo,” kulandisa yena.
UKerr ukusho lokhu kulandela umbuzo weSolezwe mayelana nokumataniswa kwakhe naleli qembu okuhlanganisa nomlando wokulinda isikhathi eside kunokujeyelekile uma kufanele aqale umsebenzi kwi-PSL. Izolo lishone sekunembiko ethi lo mqeqeshi usevumelene neMarumo.
“Ngeke kube imina oqinisekisa ukuthi kukhona engikhuluma naye mayelana nomsebenzi eNingizimu Afrika noma cha,” kusho uKerr.
“Iqiniso ukuthi angisebenzi ndawo futhi ngeke ngikufihle lokho ngakho-ke kuyangikhuthaza ukuthi kukhulunywa ngami lapho.
“Noma ngabe ubani ofuna mina kuzofanele akwamukele nokho ukuthi uzongilalela kuqala.
“Umsebenzi engizowuthatha ngeke kube ingenxa yokungcono okubekwa etafuleni kepha ngizogxila kakhulu ekunikweni amandla okwenza ngendlela engibona ngayo uma kuziwa ezinqumweni ezozizoba nomthelela kwimiphumela etholwa iqembu,” kuphetha uKerr.
Ngaphambi kokuvala ucingo, uKerr uthe akananzondo ne-PSL, wukuthi uyidinelwe ngoba ayimhloniphi ngendlela abona imfanele ngaseyenzele khona ngokwahlukana kwamaqembu ayo asesebenze kuwona.