UQALE ngokuthola amaphepha amgunyaza ukuba asebenze eNingizimu Afrika, ngaphambi kokusayina kwiMarumo Gallants umqeqeshi wayo omusha, uDylan Kerr, onomlando wokweqiwa imidlalo ngaso sonke isikhathi uma eqala umsebenzi omusha kuleli.
UKerr osehambe kaningi aphinde abuye kwiPremier Soccer League (PSL), usanda kumenyezelwa njengomqeqeshi omusha weGallants kulandela ukuthenga kwayo igunya lweMoroka Swallows lokudlala esigabeni esikhulu, iDStv Premiership.
Bese kuyinto efana nesiko eminyakeni edlule ukuthi lo mqeqeshi - onobuzwe baseMalta nobase-England - aqale ahlale amasonto ngaphambi kokuthola igunya elimvulema ukuba ahlale ebhentshini.
Ngesikhathi uKerr ekwiGallants okokugcina wenze ezibukwayo ngokuyifaka kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup yize indlela ibimazombezombe.
Kwamthatha amasonto amahlanu ukuba kulunge amaphepha amgunyaza ukusebenza eNingizimu Afrika.
Okwakumangaza ngalokhu ukuthi kwakungaqali ukwenzeka kwazise ngesikhathi ekwiSwallows ngesizini ka-2021-2022, wahlala amasonto amahlanu engavumelekile ukuhlala ebhentshini ngoba amaphepha akhe okusebenza engalungile.
Nasemaqenjini akhe aphambilini, uKerr ubevamise ukuba nenkinga efanayo ethinta amaphepha ingakho eqale ngokulungisa lokho ngaphambi kokusayina kwiGallants.
Enkulumweni yakhe yakamuva neSolezwe, uKerr ubekusho sakuqhosha ukuthi useqedile ngamaphepha kodwa namanje angaqondi ukuthi kungani ejwayele ukubambeka uma kungawakhe.
“Ngiqale ngokulungisa indaba yemvume yami yokusebenza kuleli ngaphambi kokusayina neGallants,” kusho lo mqeqeshi sakuzishaya isifuba.
“Sonke siyazi ukuthi umthetho uyajika uma kuyimina kwezithinta amaphepha okusebenza ekubeni leso kuyisikhathi esimqoka sokuxhumana nabadlali uma uwumqeqeshi omusha.
“Lawo masonto okuqala engihlale ngisala ngawo ngasekuqaleni kwesizini kuvamise ukuthi kube iwona futhi aba umehluko ekutheni iqembu lami liqeda kuphi ekupheleni kwayo (isizini),” kuphetha uKerr.