AYILINDELE ukuthi ukushintsha ithimba labaqeqeshi kuzoyibuyisela emuva iMamelodi Sundowns inkakha yaleli qembu, uHlompho Kekana.
UKekana (39) wawagaxa emgibeni ngo-2021 amakhokho esehlale iminyaka engu-10 kumaBrazilian awajoyina esuka kwiBloemfontein Celtic ngo-2011.
Wanqoba inqwaba yezicoco naleli qembu laseMamelodi , okubalwa kuzona eziyisithupha zeligi neseCaf Champions League.
AmaSandawana asanda kuhlukana nobeyinhloko yabaqeqeshi ngesizini edlule, uRhulani Mokwena, izintambo zanikwa uManqoba Mngqithi.
Ithimba labaqeqeshi liphinde laqiniswa ngokubuyisa uSteve Komphela, obeyibambe kwiLamontvillle Golden Arrows, nokuqasha owake wapheka iMarumo Gallants naMaZulu FC, uRomain Folz.
“Ushintsho lungabathusa abantu kodwa akulula ukuphawula uma ungekho ngaphakathi eqenjini elidlalayo njengamanje. Ngingafisa ukuba wudokotela wengqondo ukuze ngazi ukuthi kwenzekani emiqondweni yabadlali,” kusho uKekana.
“Engikwaziyo nengikukhumbulayo ngesikhathi ngisadlala ukuthi sonke asiluthathi ngendlela efanayo ushintsho olufana nalolu kodwa ekugcineni okufanele kunqobe ukuthi iqembu liqhubekele phambili.
“Uma udlala ibhola elikhokhelayo kufanele uzilindele izimo ezifana nalezi futhi uma sezifikile kufanele usheshe ususe imicabango nemizwa yakho kuzona ubeke iqembu phambili. Ngicabanga ukuthi yilokho okuzokwenziwa abadlali ngoba bayazi ukuthi kufanele isizini iqale sebesendaweni efanele ngokomqondo.”
UKekana usayingxenye yeSundowns njengelinye lamanxusa eqembu. Uphinde aphathe uhlelo oludlalwa ekhasini leqembu kwiYouTube olwaziwa ngePitchside Podcast.
AmaBrazilian aqinise amalungiselelo esizini ka-2024/25 ngekhempu ebise-Austria lapho abe nemidlalo emihlanu. Ahlulwe kwemibili yokuqala, adlala ngokulingana kowodwa, anqoba emibili yokugcina.
Iqembu likaMngqithi lizovula isizini ngokubhekana nePolokwane City kuma-quarter-final eMTN8 ngo-Agasti 11 ngo-3 ntambama, eLucas Moripe Stadium.
“Imidlalo yokungcweka iyazichaza ukuthi eyokuhlola ukuthi abadlali bakuliphi izinga, iphinde ibasize ukuthi bathuthuke. Akumnandi ukuhlulwa kodwa ngicabanga ukuthi abadlali beSundowns bayazi ukuthi imiphumela yale midlalo ayinakwa kangako,” uqhube kanje.
“Okusemqoka wukuthi baqale isizini ngegiya eliphezulu, baqhubeke nokulwela izicoco. Iningi labaqeqeshi abakhona eqenjini belivele likhona phambilini. Bayalwazi usikompilo lweqembu nokuthi kufanele balwele zonke izicoco.
“Amaqembu ahlose ukugudluza iSundowns kufanele azi ukuthi kumele asebenze kanzima, angalindeli ukuthi kube lula ngenxa yezinguquko ezenziwe eqenjini,” kuphetha uKekana.”