IMENENJA kaLesedi Kapinga idalula okudobele lomdlali kwi-Orlando Pirates, wachayisa amanye amaqembu abemfuna.
UKapinga (28) wehlukane neMamelodi Sundowns ekupheleni kukaJuni, emuva kokuthi leli qembu lingawusebenzisanga umbandela weminyaka emibili wokuvuselela inkontileka yakhe eChloorkop.
Ubengomunye wabadlali abebelizwa ngendaba ijezi ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. Emuva kwamasonto kusabalele ukuthi ufunwa yiKaizer Chiefs, kuleli sonto eZimnyama zimemezele ukuthi uKapinga usengumdlali wazo. Elinye iqembu okuvele ukuthi belimfuna uKapinga, AmaZulu FC. Usayine inkontileka yeminyaka emithathu nePirates.
UMoses Mudau, ophethe izindaba zikaKapinga, uthe baqoke iPirates ngenxa yokuthi lo mdlali usafuna ukuwina izindebe.
"UKapinga usafuna ukuwina izindebe. Ngakho sihlale phansi sabheka ukuthi iPirates iyodlala kwiCaf Champions League futhi ifuna ukuwina iligi ngesizini ezayo. Ngaphezu kwalokho, inesikwati esiqinile uKapinga angafaka isandla kusona, siphumelele isifiso sakhe.
“Amanye amaqembu kade ebeka okuhle etafuleni kodwa sibone ukuthi iPirates iyona ezosiza umdlali azuze lokhu akufunayo," kusho uMudau.
KweZimnyama, uKapinga uzobanga ijezi nabadlali okukhona kubona uThembinkosi Lorch, Vincent Pule, Kabelo Dlamini nabanye.
Umsebenzi omhlalele owokukhombisa umqeqeshi uJose Riveiro ukuthi kungani kufanele abeke eceleni abadlali awine ngabo izindebe ezimbili (iMTN 8 neNedbank Cup) ngesizini edlule, adlalise yena.
UKapinga, ozakhele igama egijima kwiBlack Leopards kumasizini adlule, ukhombise izinga eliphezulu emqhudelwaneni iCosafa Cup eThekwini emasontweni adlule, lapho iBafana Bafana egcine ikhishwe khona kowandulela owamanqamu.
"Ngiyamethemba uKapinga. Uzolilwela alithole ijezi kwiPirates. Ngiyazi ukuthi uhlale isikhathi eside kwiSundowns engadlali. Kodwa uma uzokhumbula indlela adlale ngayo ngesikhathi iSundowns idlala neRichards Bay kwiNedbank Cup, ukhombisile ukuthi usengumdlali ophezulu.
“Ngeke ngimungabaze futhi ngiyalihlonipha ikhono lakhe. Ngifisa nabanye abantu balihloniphe ikhono lakhe. IPirates kade yamfuna uKapinga, ibingaqali manje. Angingabazi ukuthi uzoyenzela umsebenzi," kusho uMudau.
Lo mdlali ozogqoka unombolo-21 ucashunwe kwi-website yePirates ethi azokwenza enkundleni yikhona okuzozikhulumela.
“Ngijabule ngokujoyina iqembu. Angisiyena umuntu okhuluma kakhulu ngoba lokho kulula. Engikubhekile wukuthi ngiqale ngiziqeqesha ukuze ngubuyele ekudlaleni umdlalo engiwuthandayo,” kusho uKapinga.