UDONSWE ngendlebe ukuthi “ababalekele” ofakazi umengameli we-South African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ovele enkantolo izolo, ngecala lokweba nokukhwabanisa elithinta u-R1.3 million.
UJordaan uboshwe izolo ekuseni ngamaphoyisa ophiko lwe-Serious Commercial Crimes Investigation esemzini wakhe eGoli. Uthole ibheyili ka-R20 000 eNkantolo kaMantshi iPalm Ridge. UJordaan wethweswe amacala noGronie Hluyo oyi-Chief Financial Officer (CFO) yeSafa noTrevor Neethling wenkampani eyayisebenzisana neSafa. Bonke bawaphikile amacala. Bazobuyela enkantolo ngoDisemba 5.
Ukuboshwa kwalaba kusukela ophenyweni lwama-Hawks (OKlebe) lwangoMashi, olwaholela ekutheni kushaqwe izimpahla ezahlukene emahhovisi eSafa okukhona kuzona imiqulu, ama-Laptop nama-USB. Konke lokhu uJordaan obekubiza ngetulo labathize lokungcolisa igama lakhe.
Ngesikhathi evele enkantolo, uJordaan uwaphikile amacala abekwe wona. Ngesikhathi imantshi, uPhillip Venter, imnika ibheyili naboshwe nabo, ikugcizelele ukuthi angasondeli kofakazi boMbuso abangu-19, iningi labo elalisebenza kwiSafa. Amacala ababekwe wona akhonjwa phakathi kuka-2014 no-2018.
“Ngisho ofakazi beza kuwena enxanxatheleni yezitolo, phenduka ubheke kwenye indawo. Uma kwenzeka kuvela ukuthi kukhona ukuxhumana nabo kuzoba nezinyathelo,” kusho imantshi.
Omunye umbandela webheyili othinta i-passport yakhe, owokuthi kumele abhalele inkantolo, ayazise ngayo yonke imininigwane uma ezophuma eNingizimu Afrika. Uvunyelwe ukuthi ayigcine ngenxa yomsebenzi wakhe njengomengameli weSafa ophoqayo ukuthi ahambele amazwe. UHluyo noNeethling bayalelwe ukuthi bawanikeze inkantolo awabo ama-passport.
“Kumele wazise inkantolo uma kusasele amahora angu-72 ngaphambi kokuphuma eNingizimu Afrika. Uhambo lwakho kumele kube ngolomsebenzi othinta iSafa kuphela. Uma kukhona ushintsho esikhundleni sakho kwiSafa, sizoyibhekisisa imibandela.”
Enkantolo bekukhona nezinye izikhulu zeSafa okubalwa kuzoba uKwenzakwakhe Ngwenya ophethe kwi-Competitions Committee, Lydia Monyepao oyisikhulu esiphezulu kwiSafa noTebogo Motlanthe osanda kukhuza ibuya kwiSafa.
UJordaan uvela enkantolo nje, ngesonto eledlule iSafa ikhiphe isitatimende igxeka abezindaba ababhala kabi ngale nhlangano ngenhloso yokudicilela phansi igama layo.