UMENGAMELI weSouth African Football Association (Safa), uDanny Jordaan, ukhwele wadilika kwabezindaba ebasola ngokupenda isithombe esibi ngale nhlangano eyengamele ibhola kuleli kodwa izibe okuhle ekwenzayo.
UJordaan ukusho lokhu ngenkathi engesinye sezikhulumi eziqavile engqungqutheleni yaminyaka yonke (AGM) yeSafa eThekwini, ebiseBalmoral Hotel, eThekwini, ngoMgqibelo.
Le ngqungquthela ibihanjelwe yizithunywa zamaLocal Football Association (LFA) awu-21 angaphansi kwesifunda seSafa eThekwini esiholwa ngumengameli uMazwi Mkhize, noMphathiswa woMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal, uMntomuhle Khawula, naye obeyisikhulumi esiqavile.
UJordaan ukhwele wadilika kwabezindaba kulandela ukubika kwabo ngokugasela koKlebe emahhovisini ekomkhulu leSafa aseNasrec eGoli, ngoMashi nonyaka, mayelana nezinsolo zokukhwabanisa nokwebiwa kwemali elinganiselwa kuR1,3 million eziyamaniswa naye.
Ekugaseleni kwabo oKlebe, bashaqa ama-laptop, ama-USB namaphepha athile asemahhovisi ale nhlangano.
“Abezindaba bapenda isithombe esibi ngeSafa, okuyisithombe sokuthi iyinhlangano enenkohlakalo, ekubeni bengenabo ubufakazi balokho. Sifuna bonke labo abasisola ngenkohlakalo beze nobufakazi. Yingakho sabaphonsela inselelo oKlebe ngalesi senzo sabo sokudicilela phansi isithunzi senhlangano.
“Sisazoqhubeka silwe ngomthetho, sikhombise ukuthi simsulwa kulezi zinsolo esisolwa ngazo,” kusho uJordaan, onxuse abezindaba ukuba bagxeke uma kufanele, bancome futhi uma kufanele.
Uqhube wathi beyiSafa benza okusemandleni ukuthuthukisa ibhola emazingeni aphansi, ikakhulukazi ibhola labesifazane abasalwela ukuthi kusungulwe iligi yebhola ekhokhelayo.
“Iqembu lethu lesizwe iBanyana Banyana lenza kahle, ngakho siyayidinga iligi ekhokhelayo yebhola labesifazane kuleli. Inkinga esisabhekene nayo ngeyokunxenxa abaxhasi namalungelo okusakazwa kwebhola labesifazane kumabonakude. Kumanje imidlalo yeHollywoodbets Super League ivezwa kanye kuphela ngesonto (ngeSonto) kwiSABC 1, ekubeni iSupersport iveza ibhola labesifazane lamaligi ase-Europe mihla namalanga eziteshini zayo zikamabonakude. Akwanele ukuvezwa kanye ngesonto kwebhola labesifazane kumabonakude, ekuheheni abaxhasi. Yize sisabhekene nezinselelo kodwa sisazoqhubeka sizabalaze ekuthuthukiseni ibhola labesifazane ezweni lethu.”
ISafa Hollywoobets Super League yiyona njengamanje iligi enkulu kazwelonke yebhola labesifazane eMzansi. Ibophele iningi lamaqembu awumgogodla weqembu lesizwe iBanyana Banyana.
UMkhize ongumengameli weSafa eThekwini, uphonsele inselelo uMkhandlu weTheku ngokulungiswa kwezinkundla ukuze ukuthuthukiswa kwebhola emazingeni aphansi kuhambe ngendlela.
“Thina njengeSafa asinaso izinkundla, ezikamasipala. Sinobudlelwano obuhle noMasipala weTheku yize sike sibe nokungaboni ngaso linye lapha nalaphaya.
Ngakho-ke sisesikhulu isidingo sokuthi zilungiswe izinkundla ezingaphansi kwalo masipala wethu,” kusho uMkhize.