SITHEMBISO MKHIZE
AKAZANGE akuthathe kabi uHappy Jele we-Orlando Pirates ukungayiphakamisi inkomishi yeMTN 8, leli qembu lishaya iBloemfontein Celtic emasontweni edlule.
Enkulumeni iphephandaba elibe nayo noJazzman Mahlakgane ophethe izindaba zalesi sitobha, uveze ukuthi uJele ungumuntu obeka phambili iqembu, yena eze ngemuva.
Uthe nakuba engeke akufihle ukuthi lesi sitobha besingakujabulela ukuqukula le nkomishi kodwa ayikho into esasingayenza ngoba sasingekho, sixinwe wukugula.
IPirates iphakamise indebe yayo yokuqala ngemuva kweminyaka eyisithupha ifa yindlala yezicoco.
Phezu kokuba iminyaka yobudala kubukeka imshiya iJele njengoba esenewu-33 kodwa uMahlakgane uthe lesi sitobha siyazi ukuthi siyeza isikhathi saso.
"Enye yezimfihlo zikaJele yokuhlala iminyaka engaphezu kweyishumi kwiPirates wukuhlale ebeka iqembu phambili. Yebo ubengajabula ukufukula iMTN 8 kodwa ayikho into ebezoyenza, wayengekho ngosuku lo lomdlalo. Nomqeqeshi wakuveza ukuthi ubegula. Asazi ukuthi le sizini izophela kanjani, mhlawumbe ikhona enye inkomishi eZimnyama ezisengayinqoba naye uJele athole ithuba, " kubeka uMahlakgane.
Yize uJele ubevele engasayiqali imidlalo yePirates kodwa okwenze kwaba nemibuzo ngokungabonakali kwakhe ngosuku lowamanqamu wukuthi, ngaphambi komdlalo uThulani " Tyson" Hlatshwayo ophethe ibhande lobukaputeni kulezi zinsuku, waveza ukuthi uzodedela uJele aphakamise inkomishi yeMTN 8 uma benqoba.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi weZimnyama uJosef Zinnbauer wakuveza ukuthi uJele wayengekho ngoba egula.
Sekuphele iminyaka emine uJele ephethe ibhande lobukaputeni kwiPirates ngaphambi kokufika kukaTyson kule sizini. Wathatha lesi sikhundla ngo-2014 ngemuva kokugaxa amakhokho emgibeni kukaLucky " Phinda Mzala" Lekgwathi owase ehlale iminyaka ewu-12 kuleli qembu.
Khonamanjalo kusasa iPirates izobhekana neSegrada Esparanca yase-Angola emdlalweni womlenze wokuqala ekuhambeni wokuhlungela amaqoqo kwiCaf Confederation Cup. Umdlalo ungo-4 ntambama.
Kuwona lo mqhudelwano iCeltic izokwamukela iRivers United yaseNigeria eDr Molemela Stadium ngoLwesithathu ngo-6 ntambama.