IMENENJA kaHappy Jele iveza ukuthi abalilahlile ithemba ngokumtholela lo mdlali iqembu.
Ngemuva kokuthi uJele (36) eshiye kwiRoyal AM ekupheleni kwesizini edlule, kuvele imibiko ethi ucabanga ukuwagaxa emgibeni amakhokho.
IThwihli Thwahla ubeyijoyine maphakathi nesizini edlule, wasayina inkontileka yokuqedela imidlalo ebisele. Ugcine egijime emithathu yeDStv Premiership nowodwa weNedbank Cup.
UJele ubejoyine leli qembu ngemuva kokuhlukana ne-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini ka-2021/2022, ebesifana nekhaya lesibili kuye njengoba ubesehlale kuyo iminyaka ewu-16.
UJazzman Mahlakgane ophethe izindaba zalesi sitobha, ukuphikile ukuthi usesikaza ukuthi khumu njengomdlali.
Uveze ukuthi kukhona amaqembu abakhuluma nawo. Elinye lawa okungenzeka babe sebeqede konke ngesonto elizayo.
"Kungamanga ukuthi uHappy usesithathile isinqumo sokuyeka ibhola. Empeleni kunamaqembu esikhuluma nawo. Uma konke kuhambe kahle kumele ajoyine elinye lawo ngesonto elizayo. UHappy uzibona usengawadlala amasizini ambalwa. Angikwazi ukuthi nikuthatha kuphi ukuthi useliyekile ibhola," kubeka uMahlakgane.
Nakuba ekuphika eyokuyeka ibhola kwalo mdlali, uveze nokuthi uma egcina ngokungalitholi iqembu kunomsebenzi azowuqala. Wale waphetha ukuveza ukuthi hlobo luni lo msebenzi.
Ngaphambi kokuthi uJele ajoyine iRoyal AM, uMahlakgane watshela Isolezwe ukuthi iPirates ihlela ukumnika umsebenzi ongahlangene nokudlala ibhola. Waqhuba wathi eZimnyama zanika lo mdlali izibusiso zokuya kwiThwihli Thwahla. Kuzokhumbuleka ukuthi nangesikhathi ehamba kuzo kwavezwa ukuthi eZimnyama zazifuna ukumnikeza umsebenzi ongahlangene nokuba umdlali kodwa yena nabaphathi bakhe banquma ukuyofuna elinye iqembu azolidlalela ngoba ezibona engakaphelelwa enkundleni.