ANGALEMUKELA elinye ithuba lokuqeqesha iKaizer Chiefs uma lingaqhamuka umqeqeshi weSuperSport United, uGavin Hunt, nakuba ubudlelwano bakhe naleli qembu bungaphelanga kahle ngesikhathi elicija okokuqala.
Amakhosi aqasha uHunt ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2020/2021, ezovala isikhala sika-Ernst Middendorp. Nokho, akayiqedanga nesizini njengoba akhonjwa indlela sekusele imidlalo emibili kusongwe iligi yasekhaya, iDStv Premiership.
Ngaleso sikhathi ezasePhefeni zazisendaweni ka-11 kwi-log kodwa zazenza kangcono emqhudelwaneni omkhulukazi e-Afrika, iCaf Champions League, njengoba zasezingene kowandulela owamanqamu. UHunt ukholwa wukuthi wenza konke okusemandleni akhe ngaleso sikhathi kuleli qembu.
"Yebo, ngingabuyela kwiChiefs. Asikhulume iqiniso, safinyelela kowandulela owamanqamu eChampions League. Iyiqembu elikhulu kodwa lalidinga izinguquko ezinkulu esikwatini, okuyinto eseliyenzile manje. Kwakufanele bakwenze eminyakeni emithathu noma emine edlule,” kusho uHunt kwi-podcast i-ThisIsFootballAfrica esakazwa kwi-YouTube.
"Iqembu lalinabadlali abadala abebedinga ukushintshwa kodwa ngaleso sikhathi akukho okwakungenziwa ngoba iqembu lalingavunyelwe ukusayinisa abadlali abasha ngenxa yesigwebo seFifa. Akumele uvumele ukuthi iqembu lakho libe nabadlali abayinqwaba asebekhulile.”
UHunt uqhube wathi ukube abaphathi beChiefs bambekezelela ngabe kukhona akuzuzayo neqembu ngesizini elandelayo. Kuze kube yimanje Amakhosi asabhekene nengwadla yokunganqobi isicoco selokhu agcina ngeseligi ngesizini ka-2014/2015.
“Mhlawumbe babengayithandi indlela engiyiyona kodwa uma uqasha umuntu kufanele umnike ithuba lokuthi enze izinto ngendlela yakhe, bese ubona ukuthi uyehluleka yini. Ngangidinga ukuthi ngifinyelele ekupheleni kwesizini, kwakusele imidlalo emibili ukuthi iphele,” usho kanje.
"Ngicabanga ukuthi ngangizothola okuthile ngesizini elandelayo. Kumele ukhumbule ukuthi sasidlala abalandeli bengekho enkundleni ngenxa yeCovid. Uma uyiqembu elifana neChiefs abalandeli bakunika okungenani amaphuzu angu-10 engeziwe ngesizini.
“Kwangixaka kakhulu ukuthi baxosha u-Ernst Middeldorp ekubeni iqembu laliqede endaweni yesibili, nokwakuwumphumela ongcono eminyakeni emihlanu. Ngesikhathi ngifika angikwazanga ukuthembela kubadlali ababenze kahle ngesizini edlule.
“UNurkovic (Samir) wahlala izinyanga eziyisithupha elimele, uBilliat (Khama) waphuka umlenze, uManyama (Lebogang) naye wayeseqala ukuba nezinkinga, ngangingakwazi ukumsebenzisa kakhulu. Ngafika kungasekho lutho. Kwaphoqa ukuthi sifake abadlali abasebancane ngokushesha. Bangitshela ukuthi sizokwakha iqembu elisha kodwa lokho kuthatha isikhathi."
UHunt uthe angakushintsha uma kwenzeka ebuyela kwiChiefs ukuza nethimba lakhe labaqeqeshi. Ngesikhathi ebambe izintambo okokuqala wayelekelelwa ngu-Arthur Zwane noDillon Sheppard, abafica eNaturena.
"Kulula ukukhuluma ngalokhu manje kodwa ngicabanga ukuthi iphutha elikhulu kwaba ukuthi ngisebenze nabantu engabafica eqenjini. Kwasekunesikhathi eside besebenza ndawonye futhi sebesebenze ngaphansi kwabaqeqeshi abaningi. Angiqonde kudelela muntu ngoba babewenza kahle umsebenzi wabo kodwa uma ufika eqenjini usuke ufuna ukwenza izinto ngendlela ethile,” kusho uHunt.
Njengamanje uHunt ugxile eqenjini lakhe, iSuperSport United, elizodlala ne-Al Hilal Benghazi yaseLibya kowamaqoqo eCaf Confederation Cup eMartyrs of February Stadium, eBenghazi, ngeSonto ngo-6 ntambama.
Womabili la maqembu asemsileni kuGroup A njengoba engakaqoqi maphuzu emidlalweni yawo emibili yokuqala. I-USM Alger yase-Algeria ne-Modern Future yase-Egypt, abazobhekana ngeSonto ebusuku, banamaphuzu ayisithupha ngamunye emidlalweni emibili.
Kwiligi yasekhaya Amatsatsantsa alele endaweni yesithathu ngamaphuzu angu-23 emidlalweni engu-13.