REAL MADRID v BARCELONA
E-Santiago Bernabeu, eMadrid - Namuhla ngo-9pm
Spanish La Liga
UKUQALA kweBarcelona isizini ka-2024/2025 yeSpanish La Liga ngesivuthevuthe esihambisana nokuqhulula amagoli kukaRobert Lewandowski, nokubuyelwa yifomu kwesibabuli seReal Madrid uVinicius Junior, ngokunye okwenza umdlalo wanamuhla walezi zingqungqulu zaseSpain owaziwa ngele-El Clasico, ube ngobhekwe ngabomvu.
Ngaphandle kokubuyelwa yifomu kukaLewandowski, osehlohle amagoli angu-12 emidlalweni engu-10 yeLa Liga, namathathu kweye-Uefa Champions League, umgadli nokaputeni waleli qembu, uRaphinha, uthelwe ngezibonkolo njengoba eqhulule amagoli amathathe iBarca inabisa iBayern Munich ngo 4-1 kowamaqoqo e-Uefa Champions League ngoLwesithathu, nokwenza abe ngomunye wabadlali ababhekiwe kulo mdlalo wanamuhla.
UHansi Flick othathe izintambo zokuqeqesha kwiBarcelona ngaphambi kokuqala kwale sizini, kuzobe kungokokuqala ehlezi ebhentshini laleli qembu kulo mdlalo wezingqungqulu zaseSpain onedumela.
Lo mqeqeshi ohlalelwe ngumthwalo wokubuyisa isithunzi seBarcelona kubukeka esayibambe ngohlelo ngoba kumanje leli qembu lisazihola phambili kwi-log yeLa Liga ngamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-10, lilandelwa ezithendeni yizimbangi iMadrid ngamaphuzu angu-24.
Ngakolunye uhlangothi iMadrid engompetha abavikela isicoco seLa Liga, isiqalile ukuwubamba umgqigqo ngoba ayikashawa emidlalweni eyishumi, okusho ukuthi ukunqoba kwayo emdlalweni wanamuhla, kungayenza ilingane ngamaphuzu neBarcelona.
Nakuba iMadrid iza kulo mdlalo ilinyalelwe ngabadlali bayo abamqoka okungunozinti uThibaut Courtois, nomgadli uRodrygo, kodwa ukubuyelwa yifomu kukaVinicius Junior, nokungena emshoveni kukaKylian Mbappe ozodlala i-El Clasico yakhe yokuqala, akungatshazwa ukuthi kuzomqinisa idolo umqeqeshi u-Ancelotti.
UVinicius uhlohle amagoli amathathu iMadrid iguqisa iBorussia Dortmund ngo 5-2 kowamaqoqo eChampions League ngoLwesibili, uMbappe usehlohle amagoli ayisithupha kweyishiyagalolunye aseyidlalile yeligi, nelilodwa kwiChampions League.
Ukunqoba kweBarca ngembudlu yamagoli kwiBayern, yikho kanye okwenza umqeqeshi uFlick abe nokuzethemba njengoba eyobhekana neMadrid kowe-El Clasico.
“Ukuhlula iqembu elinjengeBayern kusho lukhulu, ikakhulu uma uya emdlalweni onjengalona esiyowudlala ngoMgqibelo. Lokhu kunqoba kwethu kusinika ukuzethemba ngaphambi kokuyobhekana neReal Madrid. Ngendlela iqembu lethu elidlala ngayo muva nje, kuyakhombisa ukuthi singakwazi ukufeza izinto ezinkulu.
“Sinosuku olulodwa (uLwesine) lokulungiselela iClasico kodwa bonke abadlali bakulangazelele ukudlala lo mdlalo,” kusho uFlick, ecashunwa yi-Football Espana ekhuluma nezintatheli ngemuva komdlalo weBarca neMunich.
Imidlalo yeSpanish La Liga:
Namuhla - Ngo-2pm: Valladolid v Villarreal
Ngo-4.15pm: Rayo Vallecano v Alaves
Ngo-6.30pm: Las Palmas v Girona
Ngo-9pm: Real Madrid v Barcelona
Kusasa - Ngo-3pm: Leaganes v Celta Vigo
Ngo-5.15pm: Getafe v Valencia
Ngo-7.30pm: Real Betis v Atletico Madrid
Ngo-10pm: Real Sociedad v Osasuna