USIHLALO weCape Town City, uJohn Comitis, unethemba lokuthi sizophumelela isifiso sakhe sokuthi obengumgadli we-Orlando Pirates, uKermit Erasmus aphelele kuleli qembu laseKapa.
Ekhuluma neSolezwe, uComitis uvumile ukuthi uke waxoxa no-Erasmus (34) emnxusa ukuthi abajoyine.
U-Erasmus ungomunye wabadlali abadedelwe eZimnyama ekupheleni kwesizini edlule. Wayefike kuzona ngemuva kokuhlukana neMamelodi Sundowns.
"Ngisanda kubuya e-Europe, ngihlela ukuthi maduze ngiphinde ngihlangane noKermit. Uma sivumelana ngakho konke maduze sizomethula njengomdlali wethu. Njengoba sihanjelwe uKhanyisa (Mayo) sidinga umgadli onamava. UKermit ukwesixoxa nabo. Sithungatha nomdlali wasemuva. Sifuna ukwenza kahle kwisizini ezoqala. Yingakho sisayinise abadlali bezinga eliphezulu," kubeka uComitis.
U-Erasmus ukhonjwe indlela noThabang Monare osejoyine iSekhukhune United, Fortune Makaringe othathwe iyona iCity, Richard Ofori noSiyabonga Mpontshana abangonozinti noSouaibou Marou ongumgadli odabuka eCameroon.
Ngesizini edlule izinto azimhambelanga kahle uKermit kweZimnyama njengoba eshaye igoli elilodwa emidlalweni ewu-11.
Uma egcina ngokuvumelana noComitis uzobe eshaya ibuya kwiCity.
Eminyakeni edlule wafika kuyo maphakathi nesizini ka-2018/19, washaya amagoli amathathu emidlalweni ewu-15.
Kweka-2019/20 wagila izimanga njengoba avalela enethini awu-15 emidlalweni ewu-27.
Ngesonto eledlule uComitis udayisele iCR Belouizdad yase-Algeria obeyisithandwa somgadli wakhe, uMayo osayine inkontileka yeminyaka emithathu.
Uthe nakuba ebekhona amaqembu akuleli abemfuna lo mgadli kodwa ubone kungumqondo ophusile ukumhambisa e-Algeria. Nakuba engawashongo amagama kodwa bekuvela ukuthi ufunwa iKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns nePirates.
"Bese sifikile isikhathi sokuthi ngimdedele, ubesedinga ushintsho oluzomkhulisa. E-Algeria uzoba semathubeni amahle okubonwa nangamaqembu ase-Europe. Abekhona nawakhona ebemfuna, asifunanga ukumjaha," kuchaza uComitis.