UGQUGQUZELEKILE umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo “Cijimpi” Franco Martin, njengoba iqembu lakhe likusebenzise ngendlela efanele ukudlalela ekhaya liqoqe amaphuzu agcwele emidlalweni yeDStv Premiership esele kulo nyaka.
Usuthu luguqise iSekhukhune United ngo 1-0 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesithathu ebusuku lwanyukela endaweni ka-10 kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-14.
Ngaphambi kwalo mdlalo, belushaywe yiStellenbosch FC ngo 1-0 neMamelodi Sundowns ngendlela efanayo emidlalweni yeligi.
“Bekungolunye lwezinsuku lapho into ebisemqoka kakhulu bekuwukunqoba umdlalo, kimina njengomqeqeshi nakithina sonke eqenjini. Besazi ukuthi kubaluleke kangakanani ngoba besekunesikhathi sibambeke endaweni ebengicabanga ukuthi ibingasifanele. Ukuthola la maphuzu amathathu sekusibeke endaweni engcono,” kusho uMartin.
“Sineminye imidlalo emibili ekhaya ngaphambi kokuphela konyaka ngakho ukuzethemba okufike nala maphuzu, ikakhulukazi njengoba besisanda kuthola imiphumela engemihle, kuzosenza sikwazi ukudlala ibhola elingcono. Ngiyethemba ukuthi sizothola nemiphumela engcono kakhulu, angikhulumi nje ngokunqoba imidlalo kodwa ngibheke nokuthi sandise isibalo samagoli esiwashayayo siphinde siyilawule kangcono imidlalo.
“Ngiwafuna la maphuzu ayisithupha ukuze sibone ukuthi azosibeka kuphi kwi-log. Kuzoya nangokuthi amanye amaqembu enza kanjani ngoba uma kunamaqembu aphezulu kunani akuyona kuphela imiphumela yenu eyenza nikhuphuke kwi-log.
“Uma singaya ekhefini sinamaphuzu angu-21 kungaba yisimangaliso uma ubheka zonke izimo esidlule kuzona nakho konke okusehlele, njengabadlali abangafikanga namaphuzu esiphucwe wona ngenxa yezinto esingakwazi ukuzilawula.”
AmaZulu azodlala olandelayo neCape Town Spurs ngoDisemba 22, avale unyaka ngokubhekana neRoyal AM kowomkhaya baKwaZulu-Natal ngoDisemba 29. Yomibili le midlalo azoyidlalela ekhaya.