AKABONI ukuthi bazophazamiseka abadlali asebeqala ukuqashelwa ngamanye amaqembu umqeqeshi waMaZulu FC, uFranco “Cijimpi” Pablo Martin.
Ngokwemibiko yakamuva, omunye walabo badlali ngowasesiswini uTshepang Moremi (23), okuthiwa ufunwa ngamaqembu aseGauteng okubalwa i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.
UMoremi ujoyine AmaZulu ngesizini ka-2021/2022, esuka kwiBizana Pondo Chiefs ebidlala esigabeni sesibili. Ngesizini yakhe yokuqala oSuthwini udlale imidlalo engu-14 ngaphambi kokuthi abolekiswe kwiJDR Stars, nayo egijima kwiMotsepe Foundation Championship, ngesizini elandelayo.
Ngesizini ka-2022/23, udlale imidlalo engu-30 kwi-Stars, washaya amagoli amathathu. Lokho kuholele ekutheni abuyiselwe eqenjini laMaZulu ekuqaleni kwale sizini.
Lo mdlali okwazi ukudlala kwesokunxele nakwesokudla, usedlale imidlalo engu-14 yeligi kule sizini nemibili yeCarling Black Label Knockout, wakwazi ukuheha amaqembu ngejubane kanye nomjiko wakhe.
UMartin uthe nakuba engeke akwazi ukulawula ukuthi amanye amaqembu achazwe ngabadlali bakhe kodwa angakwenza ukuqinisekisa ukuthi bazinikela ngakho konke uma besayingxenye yoSuthu.
“Ngicabanga ukuthi ama-agent (izimenenja zabadlali) nemindeni badlala indima ebalulekile kulo mdlalo. Kunezinto ongeke ukwazi ukuzilawula. Abadlali nabaqeqeshi kufanele bagxile kakhulu emsebenzini okumele wenziwe enkundleni. Kudingeka sixoxe nabadlali, sibakhombise izinto abazenza kahle nalezo abangazenzi kahle,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Uma kukhona umdlali onganginiki lokho engikufunayo, noma ngibona ukuthi uyazama kodwa kukhona owenza kangcono kunaye, ngithatha isinqumo sokuthi ngiyamdlalisa, ngimqalisa ebhentshini noma ngiyamkhipha eqenjini.
“Ngiyethemba ukuthi bonke laba badlali bazoshelwa ngamanye amaqembu ngoba lokho kuzosho ukuthi badlala kahle, bayathuthuka. Lapha sikhuluma ngomdlali odlale isikhashana esigabeni esiphezulu wabe esebolekiswa esigabeni sesibili. Useyaqala ukuba ngumdlali omqoka kakhulu eqenjini lethu. Usesikwatini esikhulu seBafana Bafana esizoya kwi-Afcon, ngakho-ke siyaziqhenya ngalokho.
“Ngiyethemba ukuthi akuyena yedwa (obhekwe ngamanye amaqembu) ngoba lokho kungasho ukuthi iqembu lethu lenza kahle. Ngingabala nabanye abadlali abaningi abenza umsebenzi oncomekayo. Bayakhula futhi umsebenzi wethu wukuqhubeka nokubanikeza amathuluzi azobasiza baqhubeke nokuthuthuka.”
UMoremi uzobanga indawo nabadlali abafana noMonnapule Saleng, Bongokuhle Hlongwane, Oswin Appollis nabanye uma umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, eseqoka iqembu lokugcina elizoya kwi-Africa Cup of Nations ezoqala ngoJanuwari e-Ivory Coast.
AmaZulu alungiselela ukubhekana neCape Town Spurs emdlalweni olandelayo weDStv Premiership eMoses Mabhida Stadium ngoLwesihlanu, ngo-7.30 ebusuku.