NAKUBA umgadli weKaizer Chiefs, uRanga Chivaviro (32), enyamanambana kubalandeli baleli qembu kodwa imenenja yakhe iveza ukuthi uzokwenza konke okusemandleni ukuze ezoqhubeka nokuhlala eNaturena.
Lo mgadli ufike kwiChiefs ekuqaleni kwesizini ka-2023/24, ethwelwe ngeqoma ngenxa yamagoli abewaqhulula esadlala kwiMarumo Gallants ayisize yahamba ibanga elinde kwiCaf Confederation Cup. Ngesizini yakhe yokuqala efikile eNaturena, ushaye amagoli amane emidlalweni ewu-23. Kwephezulu usashaye amabili kwiBetway Premiership nelilodwa kwiCarling Knockout Cup.
UChivaviro uzibangele isigcwagcwa kubalandeli baMakhosi ngo-Okthoba, ngesikhathi elinganisa ngezandla ukuthi bakhuluma kakhulu kulandela ukumhhewula ekade ehlulwe ngamagoli bebhekene neSuperSport United emdlalweni weCarling Knockout abagcine bewunqobe ngo 4-0 ePolokwane. Wakwenza lokhu emuva kokushaya igoli lesithathu lomdlalo esiwombeni sesibili. Lesi senzo sakhe sidine abalandeli beChiefs.
Ngemuva komdlalo umqeqeshi waMakhosi, uNasreddine Nabi, uphoqeke ukuthi akhulume amagama abemvikela kubalandeli abebemhhahhameza.
Ngempelasonto edlule luqhubekile lolu laka ngesikhathi iChiefs ibambana ngo-2-2 neRoyal AM.
Nakuba uChivaviro engawuqalanga umdlalo kodwa ungomunye wabagxekwe kakhulu ngokuyeka amathuba. Abalandeli bakusho bengakufihli ezinkundleni zokuxhumana ukuthi njengoba kuzovulwa iwindi, uNabi kuzomele athole abagadli ngoba laba abakhona abawenzi ngendlela umsebenzi.
Emidlalweni yeligi iChiefs isashaye amagoli awu-11 ekubeni iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates sebevalele awu-21.
Okunye okubukeka kucika abalandeli ukuhluleka kweZimpofana ukubamba umgqigqo wokunqoba nakuba ziyiqale kahle iligi. Seziphinde zahlulwa nayinkomishi yeCarling.
UChivaviro unuka umzondo kubalandeli nje, inkontileka yakhe iyaphela ekupheleni kwesizini ka-2024/2025. Lokhu kusho ukuthi ngenyanga ezayo uzobe esevumelekile ukuxoxa namaqembu amfunayo.
UHerve Tra Bi weTNB Sports ephethe izindaba kaChivaviro, utshele Isolezwe ukuthi bebengakakuqali ukubhunga neChiefs ngenkontileka yalo mgadli.
"IChiefs nathi asikujahile ukuxoxa ngokuvuselelwa kwenkontileka kaRanga. Yonke into inesikhathi sayo. Ngala mazwi ngiqonde ukuthi asinankinga, nasekupheleni kwesizini sisengabonisana ngekusasa lakhe," kubeka uHarve Tra Bi.
Uqhube wathi: "Okwamanje ake simyeke uRanga ajabulele ukudlala aphinde azame nokushayela iqembu lakhe amagoli. Usafuna ukudlala kwiChiefs, uzokwenza konke okusemandleni ukuze ezoqhubeka nokuba semndenini wayo. Mhlawumbe ukusheshe kuqalwe izingxoxo kungamfakela ingcindezi."
UHarve Tra Bi uqhube wathi lo mdlali uyakuqonda ukuthi ukugxekwa abalandeli kuyingxenye yebhola.
"IChiefs yiqembu elikhulu nelilandelwa abalandeli abaningi. Ukugxekwa kwabadlali into ehlale ilindelekile, uRanga uyakuqonda lokho. Uzoqhubeka nokuzama ukujabulisa abalandeli beqembu lakhe.’’
Okhulumela iChiefs, uVina Maphosa, akayiphendulanga imibuzo athunyelelwe yona mayelana nezingxoxo zenkontileka entsha kaChivaviro.
Amakhosi asendaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership ngamaphuzu awu-11, emidlalweni eyisikhombisa. Asanqobe emithathu, adliwa aphinde adlala ngokulingana kwemibili.
NgeSonto azovakashela iPolokwane City, ePeter Mokaba Stadium koqala u-3.30 ntambama.
Imidlalo yeBetway Premiership:
Namuhla: Richards Bay v SuperSport United (King Zwelithini Stadium, 7.30pm)
Kusasa: TS Galaxy v AmaZulu (Mbombela Stadium, 3.30pm); Marumo Gallants v Magesi (Seisa Ramabodu Stadium, 5.45pm); Sekhukhune United v Cape Town City (Peter Mokaba Stadium, 8pm)
NgeSonto: Polokwane City v Kaizer Chiefs (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)