KUNGENZEKA aphoqeke ukuphanyeka amagilavu emgibeni unozinti weSuperSport United, uGeorge Chigova, okuvela ukuthi unenkinga yenhliziyo.
UChigova (32) waseZimbabwe ukhuze ibuya kwiSuperSport ngo-2020, okuyiqembu afikela kulona esuka kwelakubo ngo-2014, ngaphambi kokujoyina iPolokwane City.
Nokho ubuyele kwiSuperSport wazithela kuyona inkinga yokweqiwa yijezi eyambalekisa kumasizini adlule. Ngemuva kokuhamba kukaRonwen Williams, ojoyine iMamelodi Sundowns, uChigova uhlaliswe ebhentshini nguRicardo Goss obolekwe kumaBrazilians.
Amatsatsantsa a Pitori akhombe indlela uBoalefa Pule naye obelizwa ngendaba ijezi. Abuyisa uWashington Arubi ogawulwe yizembe neMarumo Gallants ngesizini edlule.
Ngaphezu kwalokho, anyusela esikimini esikhulu unozinti wesikimu seDStv Diski Challenge, uSamkelo Xulu. UDarren Johnson, owayevimbela i-Ajax Cape Town, uzama inhlanhla kuyona iSuperSport.
Isolezwe lihoshe ukuthi ngalaba onozinti iSuperSport isizama ukuhlelela impilo ngaphandle kukaChigova okuthiwa useyalelwe ngodokotela ukuthi angabe esalidlala ibhola ngenxa yesifo esiphathelene nenhliziyo.
Umqeqeshi uGavin Hunt uthe nakuba engakawutholi umbiko kadokotela ophelele kodwa isimo sikaChigova asisihle.
"Angikatshelwa ngokuphelele ukuthi yini inkinga. Angiyena udokotela. Kodwa ngiyazi ukuthi kunenkinga esizama ukuyilungisa okwamanje. Sizokwazi okungenani esikhathini esiyisinto. Uzohlala amasonto amane engenzi lutho. Sizobona emuva kwalokho kodwa akubukeki kukuhle. Sizomeseka ngayo yonke indlela," kusho uHunt.
Uma uChigova egcina ehlukane neSuperSport ngenxa yesifo senhliziyo, uzolandela umdlali waseBurundi uPapi Faty ongasekho. UFaty, odlale kwiBidvest Wits nakwiReal Kings, udlule emhlabeni ngo-2019, esedlalela uMalanti Chiefs yaseSwatini. EMzansi wakhululwa yiWits nayiKings emuva kokuxwayiswa ngodokotela ukuthi akaliyeke ibhola. Nokho lokho wakushaya indiva, wasayina kwiChiefs Eswatini.
ISuperSport iqoke ukuzokhempa eThekwini njengoba ilungiselela ukuqala kwesizini yeDStv Premiership ka-2023/2024. UHunt uthe iqembu lakhe libukeka liqinile kodwa lokho kufanele kufakazelwe ngamaphuzu uma sekuqale iligi.
Amatsatsantsa asayinise abadlali abanohlonze okukhona kubona uTerrence Dzvukamanja ophuma kwi-Orlando Pirates noPhathutshedzo Nange obedlalela iKaizer Chiefs. Ithole ngokugcwele abadlali ebikade ibaboleke uSiphesihle Ndlovu obengowePirates noGrant Margerman obesemabhukwini eSundowns.
"Ngibona sengathi sinesikwati esihle. Mkhulu umdlandla, baningi abadlali abasebancane. Kodwa lokho akuphenduki kube ngamaphuzu. Kudingeka bathole imizuzu enkundleni. Sizobona emuva kwalokho," kusho uHunt.
ISuperSport izovula imidlalo yeDStv Premiership ngo-Agasti 5 neRichards Bay eLucas Moripe Stadium ngo- 8 ebusuku.