UKUPHUMA ngobuningi kwabalandeli beBafana Bafana baseFree State namaphethelo kuvukuze uthando oluzokwenza ukuthi umqeqeshi wayo, uHugo Broos, ashaye indesheni kwiSouth African Football Association (Safa) ukuba ibuyise leli qembu lesizwe kule ngxenye yeNingizimu Afrika.
IBafana izibuyisele embangweni wokudla u-Group C wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezosingathwa i-United States of America (USA), Canada neMexico ngo-2026.
Iqembu elizoqeda liqhwakele yilona elizoya ngqo kweyoMhlaba.
Lokhu ikwenze ngokunqoba kwiZimbabwe ngo 3-1 ngamagoli ka-Iqraam Rayners, namabili kaThapelo Morena. Elezihambi lishaywe uTawanda Chiwera.
Iyalingana ngamaphuzu ayisikhombisa neRwanda eqhwakele, kulandele elakuleli bese kuba yiBenin.
Nakuba imidlalo yokuhlunga isemaphakathi kwazise izoze isongwe ngasekupheleni konyaka ozayo kodwa uBroos uhlabeke umxhwele ngakubone kubafana bakhe.
Bekungokokuqala eminyakeni engu-14 ukuthi iBafana idlale eFree State okuyisifundazwe esifayo yindlala yebhola kusukela iBloemfontein Celtic yadayiselwa iRoyal AM ngo-2021.
Enkulumweni kaBroos ayenze nethimba labezindaba leSafa ngemuva komdlalo, uzwakalise ukuthuka ukuthi iNingizimu Afrika inenkundla enabalandeli balolu hlobo ngoba ubeqala ukuyibona. Abalandeli baseBloemfontein namaphethelo bebephume ngobuningi, kusho ingoma umdlalo uqala waze wayophela.
“Sithole umphumela obekumqoka ngendlela obekungachazeki ukubaluleka kwawo kodwa besingeke siwuthole ngaphandle kosizo lwabalandeli abangu-45 000 baseFree State abaseseke zisuka kwaze kwaba kuyaphela,” kusho uBroos kwiSafa.
“Yebo kusithusile ukuthi iZimbabwe ilinganise kungaphele sikhathi sithole igoli kodwa uma unabalandeli abafana nalaba abebeseseka eBloemfontein, akukho lapho ngike ngacabanga khona ukuthi sisenkingeni.
“Ngineminyaka emithathu ngifikile kuleli kodwa ngiyaqala ukwazi ukuthi kunabalandeli abasibiza nangemuva komdlalo ukuzocula bajabule nathi.
“Nakanjani ngizowufaka umqondo kwiSafa ngokubuya kweBafana eFree State ngoba kwezinye izinkundla abalandeli bagqoza ngisho sengize ngazikhalela,” kuphetha uBroos.
Abalandeli baseFree State bachaza uBroos nje, lo mqeqeshi usekhale kakhulu ngokugqoza kwabalandeli emidlalweni yeBafana.
Okukhalisa kakhulu uBroos ukuthi yize iBafana isidlala ngendlela okufanele ngabe yenza abathandi bayo baziqhenye ngayo kodwa isaqhubeka nokubukwa izihlalo kwezinye izinkundla.
Ngaphandle kwempumelelo yokuheha abalandeli, ezikaBroos ziziphungulele umsebenzi ku-Group C ngokushaya amagoli amathathu ngoba ukuminyana kwaleli qoqo kukhomba ukuthi angase adlale indima enkulu (amagoli) ekukhipheni umakhonya walo.