ULIHLANZE linjengoba linjalo iqiniso umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngokubuya kukaLyle Foster, ozidingise yena kuleli qembu lesizwe ngaphambi kwe-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka.
UFoster odliwe yizembe neBurnley yase-England, ungomunye wabadlali abangu-23 abamenyezelwe uBroos ukuthi uzoya ngabo kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, neNigeria, ngoLwesihlanu oluzayo ngo-9 ebusuku, eGodswill Akpabio Stadium, e-Uyo.
Bekuvele kuqapheleke ukubuya kwalo mgadli kwazise indaba yakhe ike yaba sematheni ngesikhathi echizela iBafana ekubeni ebeqhubeka nokudlalela iqembu lakhe kwi-English Premiership.
Ngaphandle kokuthi odokotela beBurnley, noVincent Kompany, obengumqeqeshi kaFoster, bebetshele uBroos ukuthi lo mgadli uhlushwa isifo esiphazamisa umqondo wakhe kodwa ubelokhu ebonakale njalo enkundleni ekhombisa izimpawu zokuba umqemane.
Ebuzwa ngokubuya kukaFoster, lo mqeqeshi uthe ingoba iBafana iyasidinga isipiliyoni sakhe uma uzoqhathanisa namaqembu adlalelwa abadlali beNigeria.
“Kuyaziwa ukuthi ibingicasula kanjani indaba yokuya kwi-Afcon ngaphandle kukaFoster ngenxa yesizathu ebengingasiqondi ngoba ubeqhubeka edlala,” kusho uBroos esithangamini sabezindaba ebesikhonjiswa kwiSABC.
“Kusemqoka nokho ukukhumbula ukuthi uFoster usibhalele incwadi esazisa yena ukuthi akaziwa kahle ngokomqondo ngakho-ke ngeke aye nathi kwi-Afcon.
“Bekungicasula lokhu ngoba ubeyidlala yonke eyeBurnley kodwa uma ngithinta umqeqeshi wakhe kuthiwe unenkinga ebucayi.
“NangoMashi, ngaphambi kokuya kweyobungani e-Algeria, ngizamile ukuthinta uFoster kwathiwa akakalulami ngokugcwele.
“Bagcine bengazisa muva nje ukuthi useluleme, umdlali ngaxhumana naye wangitshela ukuthi usekulungele ukubuyela eqenjini.
“Isipiliyoni sakhe siyadingeka yize ibingicasula indaba yokungabibikho kwakhe,” kuphetha uBroos.
IBafana imelwe ukubuya nomphumela oncomekayo eNigeria ukuze izoya koweZimbabwe (ngoJuni 11) ihambela phezulu ku-Group C kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Sesisonke isikwati sikaHugo Broos aya ngaso eNigeria simi kanje:
Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss noVeli Mothwa
Izitobha: Nyiko Mobbie, Thapelo Morena, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Khuliso Mudau, Siyabonga Ngezana noGrant Kekana.
Abasesiswini: Tebogo Mokoena, Jayden Adams, Bathusi Aubaas noSiphephelo Sithole.
Abagadli: Themba Zwane, Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Iqraam Rayners, Elias Mokwana, Lyle Foster, Percy Tau noRelebogile Mofokeng.