AWUVALIWE umnyango kwiBafana Bafana kumgadli we-Orlando Pirates ogoduke nesicathulo segolide, uTshegofatso Mabasa, osale ngaphandle esikwatini esizodlala emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, neNigeria neZimbabwe ngokwahlukana.
Lokhu kucaciswe umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, kwabezindaba ngoLwesine, ngesikhathi ememzela isikwati sabadlali abangu-23 azokuya ngabo e-Uyo ukuyobhekana neNigeria ngoLwesihlanu oluzayo.
Lo mdlalo ka-Group C uzolandelwa oweZimbabwe ozokuba seBloemfontein ngoJuni 11.
Ukusala kukaMabasa kwiBafana ekubeni kunguyena umgadli ovelele ngokuqhulula amagoli kwiDStv Premiership, kususe imvunge ngalesi sikwati kangangokuthi kunabathile abebezitshela ukuthi lo mgadli uzobakhona esikwatini ebesimenyezelwa yize igama lakhe belingekho kumenyezelwa ebesisazonqanyulwa emasontweni adlule.
UBroos ubuzwe ngokuthi uzowathola kuphi amagoli njengoba kweyokuhlunga kufana nento engasho lutho ukuthi iqembu lidlala ibhola elihle.
“Indaba yamagoli indala eNingizimu Afrika futhi leyo into engingeke ngikwazi ukuyiqeqesha ngoba kufanele umdlali azalwe nayo,” kusho uBroos ekhuluma kwaSABC.
“Ngibone kungcono ukuqoka uRayners (Iqraam) ngoba bekufanele ngikhethe kodwa ngiyamethemba ukuthi angasinika esikudingayo uma ezoqhubeka nefomu yakhe yakamuva.
“Ngiyazi umbuzo wokuthi usale kanjani uMabasa uzohlale ukhona kodwa impendulo ukuthi sinomlando omubi naye lapho efakwe khona kwiBafana washaya udaka.
“Vele ngeke simahlulele ngomdlalo owodwa kodwa ifomu yakhe ize yaqala ukugqama esebuyele kwiPirates okwenza ukuthi silibheke igama lakhe esikhathini esilandelayo,” kuphetha lo mqeqeshi waseBelgium.
URayners weStellenbosch uqede ngemuva kukaMabasa ekushayeni amagoli kwiDStv Premiership eqobela awu-15. UMabasa uqede phezulu ngawu-16.
Bayisikhombisa abadlali abakulesi sikawati abebengeyona ingxenye ye-Africa Cup of Nations (Afcon) osekungumlando ukuthi iBafana ibuye nendondo yethusi kuyona ngasekuqaleni konyaka.
Okunye okuqaphelekile ukubuya kukaLyle Foster, obengekho i-Afcon ngenxa yokugula.
Kukhona noRelebogile Mofokeng, oneminaka engu-19 ubudala, oqala ngqa ukubizelwa eqenjini lesizwe elikhulu laseNingizimu Afrika.
IBafana esendaweni yesibili kwi-log ka-Group C ngamaphuzu amathathu, izobhekana neNigeria ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku eGodswill Akpabio Stadium.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams, Ricardo Goss noVeli Mothwa.
Izitobha: Nyiko Mobbie, Thapelo Morena, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Mothobi Mvala, Khuliso Mudau, Siyabonga Ngezana noGrant Kekana.
Abasesiswini: Tebogo Mokoena, Jayden Adams, Bathusi Aubaas noSiphephelo Sithole.
Abagadli: Themba Zwane, Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Iqraam Rayners, Elias Mokwana, Lyle Foster, Percy Tau noRelebogile Mofokeng.