NGEKE adikibale ngisho angabuya nenduku yombangandlala eNigeria umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, ngoba akafuni ukutshala kubadlali imbewu yokuthi imidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 incike kuphela ekutheni bazothola muphi umphumela kumaSuper Eagles.
IBafana izobhekana neNigeria kokaGroup C kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 namuhla ngo-9 ebusuku eGodswill Akpabio Stadium, e-Uyo.
Ngaphambi kokufulathela, uBroos udlane indlebe nabezindaba abebabizele esithangamini eDobsonville Stadium, eSoweto ngoMsombuluko.
Kukulesi sithangami lapho lo mqeqeshi waseBelgium eveze khona ukuthi yize efuna amaphuzu agcwele kodwa ngeke aphonse ithawula uma engabuyi nalutho eNigeria.
Ngokusho kukaBroos, kuyingozi ukutshala kubadlali umqondo wokuthi iNigeria ibaluleke ngaphezu kwamanye amazwe leli qembu lesizwe elizobhekana nawo eqoqweni.
“Kuliqiniso ukuthi ngibheke iwini kwiNigeria kodwa nephuzu ngingalamukela ngoba siya esibayeni selinye lamaqembu esizwe aqine ukuwedlula wonke e-Afrika,” kusho uBroos.
“Ngiyavuma lo mdlalo umqoka kodwa akufanele kube sekuba iwona wodwa obusa amakhanda ethu ekubeni kukhona amanye amazwe amane okufanele sizixake ngawo ku-Group C.
“Ubumbangi obuphakathi kweNigeria neBafana akufanele busivale amehlo ngoba uma siwina sizothola amaphuzu amathathu hhayi ayisithupha.
“Kusemqoka ukugcizelela kubadlali ukuthi yize sifuna umphumela omuhle kuyona yonke imidlalo kodwa asingenzi sengathi iNigeria iyona kuphela esiqhathwe nayo kuleli qoqo.
“Ngiwubhekile umphumela omuhle ukuze sizohlala kahle kwi-log kodwa ngeke ngidikibale uma sigcina singabuyanga nalutho eNigeria ngoba unobhutshuzwayo unjalo,” kulandisa uBroos.
Ngokomdlalo akanankinga ngokumelana neNigeria futhi ulindele umdlalo ohlukile kunalo obonakale la mazwe egcina ukubhekana kowandulela owamanqamu we-Africa Cup of Nations (Afcon) ebise-Ivory Coast ngasekuqaleni konyaka. Kuwona zabambana ngo 1-1 kwagina kunqoba amaSuper Eagles kumaphenathi.
“Angicabangi ukuthi umdlalo bazowuqala ngendlela abenze ngayo kwi-Afcon ngoba sebeyazi ukuthi siqine kangakanani. Ukulala kwethu isithathu kwi-Afcon sekubalulekile ukuthi sikusebenzise.
“Akukho emqondweni wethu ukuthi iNigeria isishayile kwi-Afcon futhi siyaqonda ukuthi lo mqhudelwano uhlukile kodwa nawo omqoka ngendlela yawo,” kuphetha uBroos.
Lo mqeqeshi ukhulume kanje engakazi ukuthi iqembu lakhe lizohlangabezana nezinkinga endleleni yalo ebheke eNigeria njengoba ligcine lifika e-Uyo izolo ntambama.
Lokhu kuqinisekiswe ithimba labezindaba leSouth African Football Association (Safa) elihamba neBafana ephoqeleke ukuba ilale esikhumulweni sezindiza iPort Harcourt International kulandela ukusuka kwabo sekudlule amahora amane kobekuhleliwe eNingizimu Afrika ngenxa yokubambezeleka kwendiza.
Ngaphezulu kwalokhu iBafana iphoqeleke ukuchitha amahora angu-18 isemgwaqeni okwenze abaningi ezinkundleni zokuxhumana basola iNigeria ngokunyomfa ngamabomu izinto zeBafana.
Ngo-1.30pm izolo ntambama ngokwesikhathi saseMzansi, iBafana ibifika ehhotela njengoba kufanele idlale namuhla ngo-9pm ebusuku.