UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ufanise ukushiya, kukaCassius Mailula, kwiToronto FC edlala kwiMajor Soccer League (MLS) yase-United Stated of America (USA) njengegxathu lokuqala lokubuyela kuleli qembu lesizwe.
Ngesikhathi uMailula (23) ejoyina iToronto ngonyaka odlule uBroos wayengakufihli ukuthi lokhu kuyiphutha futhi kuzoqeda amathuba alo mdlali eqenjini lesziwe.
Izolo ngesikhathi lo mqeqeshi ethula iqembu lakhe azobhekana ngalo ne-Uganda koka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations ngelizayo, akazange amfake uMailula kodwa ukhulumile ngaye.
Muva nje lo mdlali uBroos angafihli ukuthi uyazifela ngaye usayine inkontileka yokubolekwa kwiWydad Athletic yaseMorocco eqeqeshwa uRhulani Mokwena.
Izophela ekupheleni kwesizini kodwa inombandela wokudayiselana uma zonke izinhlangothi zingenankinga ngalokho.
Ubuziwe uBroos ukuthi uzizwa kanjani ngokubolekiswa kukaMailula yiToronto kwazise wayengakufihli ukuthi akahambisani nokuthi ayojoyina leli qembu.
“Ukuyiswa kukaMailula eToronto kwakuyinto evele engekho ngaphandle kwabathile ababebheke ukuhlomula,” kusho uBroos esithangamini ebesikhonjiswa kwiSABCSport.
“Okuhle ngokuthi usesukile kuleli qembu elalivele lingeke limsize ngalutho. Ulandwe umqeqeshi omazi ukusuka nokuhlala (uMokwena), ngakho-ke amathuba okudlala unawo.
“Wayeyaphi uMailula eToronto ekubeni esadlalele iMamelodi Sundowns amahlandla angu-15 kuphela esigabeni esikhulu? Uwubani uMailula ukuthi usengayiswa eCanada?
“Wayezokwazi kanjani ukubanga isikimu nabadlali ababili abanesipiliyoni sokudlalela iqembu lesizwe lase-Italy noyedwa owumnsinsi wokuzimilela eCanada?
“Okwakusobala ukuthi kwakuvele kungeke kumlungele umdlali kepha kwakuzosiza ababemyisa kwiligi eyayingeke imsize ngalutho,” kuqhuba uBroos.
Mayelana namathuba alo mdlali okubuyela kwiBafana, uBroos uthe umnyango uyohlale uvuliwe.
“UMailula umdlali othi uma umnika ibhola ebhokisini izinto zenzeke noma nini ngakho ngimjabulele kakhulu.
“Lokhu akwenzile isiqalo sendlela yakhe yokubuyela kwiBafana ngoba siyamazi futhi siyamthanda. Esikubheke kuyena kwiWydad ukuthi adlale hhayi ukuthi abalwe ukuthi ukhona kuphela,” kuphetha uBroos.