UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, udonse ngendlebe abadlali baseMzansi ngokuthi bakuhloniphe ukubizelwa eqenjini lesizwe.
UBroos ubekhuluma esithangamini nabezindaba izolo, lapho ememezele khona isikwati sabadlali abangu-23 abazodlala imidlalo emibili yokugcina yokuhlungela umqhudelwano i-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBafana, esendaweni yesibili kuGroup K ngamaphuzu ayisishiyagalombili, izobhekana ne-Uganda ngoNovemba 15 ekuhambeni ngaphambi kokwamukela iSouth Sudan ngoNovemba 19 eKapa. Abafana bakaBroos badinga amaphuzu amathathu emidlalweni emibili ukuze baqinisekise indawo kwi-Afcon ezoba ngoDisemba 21, 2025 kuya kuJanuwari 18, 2026 eMorocco.
UBroos waseBelgium, udalule ukuthi umshiye ngaphandle umdlali weStellenbosch, uJayden Adams, ngoba emjezisa ngenxa yokuthi wabeka izaba ngesikhathi embizile ekhempini eyedlule.
“Kubona bonke abadlali kubalulekile ukudlalela iqembu lakho lesizwe. Uma ungowaseBelgium, eChina, eNingizimu Afrika, kufanele kube yinto enkulu ukuba seqenjini lesizwe. Uma ungenawo lowo muzwa, awunawo umqondo ofanele. Ngesikhathi ngisewumdlali ngibizwa eqenjini lesizwe ngisho kwakufanele ngigijime amakhilomitha angu-100, ngangifika ngoba kwakuyinto emqoka kimina.
“Uma umdlali omncane njengoJayden ekufonela ethi uzofika ngemuva kwesikhathi ngenxa yezizathu engingafuni ukukhuluma ngazo, akuwona umqondo olungile lowo,” kusho uBroos.
“Uneminyaka engu-22, kufanele agijime esuka eKapa abheke eGoli ukuze abe lapha. Ngimjezisile kancane manje kodwa isijeziso ngeke sibe ngesaphakade. Abadlali baseNingizimu Afrika kufanele bazi ukuthi ukudlalela iqembu lesizwe kuyinto enkulu futhi kumqoka. Kuwumsebenzi. Akulona iholidi. Ngicabanga ukuthi le nto ikubadlali base-Afrika ngoba ngabhekana nayo eCameroon ngisaqala, ngaqinisa isandla. Nginesiqiniseko sokuthi bonke laba badlali abangu-23 abazoba lapha ngesonto elizayo ngoMsombuluko, banalowo mqondo. Kuyinto enkulu kubona ukudlalela iqembu lesizwe.”
Ngaphandle kuka-Adams, abanye abadlali abangekho esikwatini sikaBroos nguThemba Zwane noLyle Foster abalimele.
IBafana izobhekana ne-Uganda emangaze abaningi ngendlela edlala ngayo ngaphansi komqeqeshi uPaul Put ongumkhaya kaBroos. Isesicongweni se-log kaGroup K ngamaphuzu ayishumi. Idinga iphuzu ukuze izibekisele indawo kwi-Afcon. Emdlalweni wokuqala eMzansi, iBafana yadlala ngokulingana ngo 2-2 ne-Uganda.
“Uma ubuka wonke lo mdlalo, ungasho ukuthi kwakufanele siwuwine. Lokhu kusho ukuthi singayishaya i-Ugunda noma sidlalela khona e-Uganda. Kodwa ngakolunye uhlangothi, ngicabanga ukuthi bagcwele ukuzethemba ngoba badlalela ekhaya. Ngakho umdlalo uzoba nzima kunasezinyangeni ezintathu ezedlule. Kodwa ngiyalethemba iqembu lami. Sizozibekisela indawo. Mhlawumbe hhayi ngokuthi sihlule i-Uganda kodwa uma singayishayi, sinalo ithuba ngokuhlula iSouth Sudan ekhaya. Uma singawini nakuyona (iSouth Sudan), akusifanele ukuya kwi-Afcon. Ngakho sizozibekisela indawo kwi-Afcon. Ngifuna siwine kowe-Uganda, sidlalele ukujabulisa abantu koweSouth Sudan,” kusho uBroos.
Isikwati seBafana Bafana:
Onozinti: Ronwen Williams, Sage Stevens, Sipho Chaine.
Abasemuva: Sydney Mobbi, Mothobi Mvala, Rushwin Dortley, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Khuliso Mudau, Fawaaz Basadien, Siyabonga Ngezana.
Esiswini: Teboho Mokoena, Bathusi Aubaas, Luke Le Roux, Thalente Mbatha.
Abaphambili: Mihlali Mayambela, Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi, Elias Mokwana, Thapelo Morena, Relebohile Mofokeng, Evidence Makgopa, Iqraam Rayners.