UMQEQESHI weBafana Bafana, uHugo Broos, ubize umdlali owazalelwa phesheya ngesikhathi eqoka isikwati esikhulu semidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ne-Uganda neSouth Sudan engenyanga ezayo.
IBafana izovula imidlalo kaGroup K ngokubhekana ne-Uganda e-Orlando Stadium ngoSepthemba 6. Owesibili izowudlala neSouth Sudan ekuhambeni ngoSepthemba 10.
Lo mqeqeshi ufake umgadli owazalelwa waphinde wakhulela eNetherlands, uSimon van Duivenbooden, eqenjini lokuqala alimemezele izolo elisazoncishiswa uma sekusondele imidlalo.
UVan Duivenbooden (22) udlala eqenjini eligijima esigabeni esiphezulu eNetherlands, iVitesse.
Yize azalelwa phesheya kodwa abazali bakhe badabuka kuleli.
Waqala ukudlala emabangeni aphansi kwiLegmeervogels, Alphense Boys, Vitesse nePSV Eindhoven. Wabuyela kwiVitesse ngo-2021 wasayina inkontileka yokudlala ibhola elikhokhelayo.
Wadlalela iqembu elikhulu okokuqala ngesikhathi linqotshwa yi-AZ Alkmaar ngo 3-1 ngo-Ephreli 2022.
Uke wabolekiswa kwiPatro Eisden yaseBelgium nyakenye kodwa washeshe wacela ukubuyela eqenjini lakhe.
Lo mdlali osukile egadeni bese kunesikhathi aphumela obala ngesifiso sakhe sokudlalela iNingizimu Afrika.
Kubukeka sekuseduze ukuthi iphupho lakhe lifezeke kulandela ukuthola kwakhe amaphepha amgunyaza ukuthi adlalele elakuleli ezinyangeni ezimbalwa ezidlule.
Ulandela ezinyathelweni zabadlali abafana noLars Veldwijk, Ricardo Nunes, Dean Furman, Pierre Issa nabanye abakhulela phesheya bagcina befakwe eqenjini lesizwe.
Iqembu leBafana Bafana elizobhekana ne-Uganda neSouth Sudan:
Onozinti: Ronwen Williams, Bruce Bvuma, Ricardo Goss, Veli Mothwa, Sipho Chaine
Izitobha: Sydney Mobbie, Thabiso Monyane, Thapelo Morena, Rushwin Dortley, Nkosinathi Sibisi, Aubrey Modiba, Given Msimango, Athenkosi Mcaba, Khuliso Mudau, Terrence mashego, Fawaaz Basadien, Siyabonga Ngezana, Grant Kekana.
Abasesiswini: Relebohile Mofokeng, Tebogo Mokoena, Grant Magerman, Jayden Adams, Bathusi Aubaas, Siphephelo Sithole, Thalente Mbatha, Mihlali Mayambela, Luke Le Roux, Themba Zwane, Devin Titus, Oswin Appollis, Patrick Maswanganyi.
Abagadli: Simon van Duivenbooden, Iqraam Rayners, Thapelo Maseko, Elias Mokwana, Lyle Foster, Evidence Makgopa , Percy Tau.