NAKUBA umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, egezeke igilo ngomphumela ababuye nawo eNigeria ekubeni behlangabezane nezingqinamba endleleni kodwa uxwayise ngobungozi bokuthatha kancane iZimbabwe abazobhekana nayo ngoLwesibili ngo-6 ntamabama, eFree State Stadium, eBloemfontein, kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
IBafana ibuye nephuzu ekuhambeni ibambana ngo 1-1 neNigeria emdlalweni ka-Group C obungoLwesihlanu eGodswill Akpabio Stadium, e-Uyo.
Amazwe ahlungela iNdebe yoMhlaba ezoba se-USA, Mexico naseCanada ngo-2026.
Kudingeke ukuthi iBafana ichithe amahora angu-18 isendleleni ebheke e-Uyo, eNigeria kodwa esiwombeni sokuqala somdlalo, ibingcono ngale ndlela yokuthi bekufanele kuyiwe ekhefini kungelona igoli, likaThemba Zwane, kuphela ebisilishayile ngenxa yamathuba ewakhile.
Ukulinganisa kweNigeria esiwombeni sesibili bekuzitolika ngokuthi iBafana izophelela endaweni yesine kwi-log ka-Group C ngenxa yeminye imiphumela.
Akuzange kubonakale sengathi kuyamkhathaza uBroos ukwehlela endaweni yesine kwi-log ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba ngemuva komdlalo.
“Obekumqoka kithina ukungashaywa kulo mdlalo ngoba ngesikhathi ziqhathwa sibone iNigeria njengesitha sethu esikhulu,” kusho uBroos enkulumeni ethunyelwe yithimba labezindaba leSafa.
“Unobhutshuzwayo wase-Afrika usushintshe kakhulu kule minyaka edlule ingakho i-log yethu ibukeka ngale ndlela ebukeka ngayo.
“Alikho izwe elingeke lilishaye elinye ngakho-ke lo mphumela usivula amehlo ngokungase kwenzeke kithina uma sithatha kancane iZimbabwe,” kusho uBroos.
IZimbabwe iyona ebambe ibhuleki kuleli qoqo ngamaphuzu amabili kanti neNigeria enamathathu ayikayitholi iwini yayo yokuqala.
IBafana isendaweni yesine ngamaphuzu amane lapho ibambene khona neBenin (ekweyesithathu) neRwanda (kweyesibili) bese kuqhwakela iLesotho ngamaphuzu amahlanu.
ILesotho ihlule iZimbabwe ngo 2-0 emdlalweni odlalelwe kuleli ngalo uLwesihlanu. Komunye umdlalo kaGroup C, iBenin ihlule iRwanda ngo 1-0 ngesonto eledlule.
Yize ebejabule ngeqembu lakhe uBroos akazange aliyeke ithuba lokugxibha iNigeria.
“Akuyihambeli kahle uma uzoqaphela ukuthi isidlale ngokulingana kuyona yomithathu imidlalo yayo yokuhlunga okuhlanganisa nemibili yasekhaya.
“Emidlalweni yokuhlunga kumqoka ukuthi unqobe imidlalo yasekhaya bese uzama okuthile ekuhambeni njengoba senza.
“Akubahambeli neze kahle beyizwe elithathwa njengelikhulu kodwa lokhu kufanele kusifundise ngobumqoka bokuqaphela koweZimbabwe.”
Esithangamini esifanayo, uFinidi George, oqeqesha iNigeria ushiye angalazi kw abagxeka iqembu lesizwe.
“Angineme ngephuzu ekhaya kodwa le nto yokuthi wonke umuntu usewumqeqeshi ayingichazi ngoba abakhulumayo bayizibukeli kodwa esezazi kakhulu,” kusho yena ngolaka.